
USIHLALO weNational Freedom Party (NFP), uNkk Mbali Shinga uthi zimapeketwane izinto kuleli qembu njengoba kuvela ukuthi kunabantu abanganikwa izikhundla eqenjini ngoba kuthiwa badlelana naye njengoba esaphambene nobuholi beqembu.
UNk Shinga uthi ubona sekuyisikhathi sokuthi aphumele obala aveze izinto ezenzeka ngaphakathi eqenjini ngoba uyabona ukuthi lizogcina lilahlekelwe abantu abaningi ngenxa yokungazwani kobuholi kulona. Uthe okumphatha kabi ukubona kucekelwa phansi amandla omsunguli weqembu, uNk Zanele Magwaza-Msibi ongasekho.
“Ngike ngazama ukukhuluma nomengameli weqembu, uMnu Irvin Barnes ngazehlisa ngazenza into engelutho ngoba ngilwela isithunzi seqembu. Impendulo engiyithole kuyena eyokuthi akukho angakukhuluma nami ngoba ngixoshiwe eqenjini. Okungiphatha kabuhlungu ukuthi bonke abahambisana nami abanikwa ngisho izikhundla ngoba besolwa ngokuzwana nami. Abanye ngithole ukuthi amagama abo abesephakanyisiwe ezikhundleni kodwa bachithwa ngoba kuthiwa bazwana nami. Njengamanje ayikho into eqhubekayo ukulungiselela ukhetho ngenxa yezimpi zangaphakathi,” esho.
Uthe alikho iqembu elingakwazi ukuya phambili kuxoshwe unobhala nosihlalo lingamfuni ngoba yibona abayizinjini eqenjini.
Uveze ukuthi abathweswa kanzima eqenjini ngenxa yokuhambisana naye, ucela bangasithathi isinqumo sokulishiya kodwa uzobalekelela ukuthi kulandelwe umthetho. Uthe akafuni ukuthi kucekelwe phansi umsebenzi kaNkk Magwaza Msibi awuqala kanzima. Uthe konke okwenzeka eqenjini uzophendula ngakho manje noma ngabe ubuzwa ubani ngoba ufuna abantu bazi iqiniso ngokwenzekayo.







