Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Isikhulu samatekisi sibopha uKhomishana wamaphoyisa nongqongqoshe wawo

Isikhulu samatekisi sibopha uKhomishana wamaphoyisa nongqongqoshe wawo

by | 13 June 2025

SIVEZE ukuthi sesikhathele ukuhlukunyezwa ngamaphoyisa nomndeni waso isikhulu samatekisi esidumile KwaZulu-Natal, esithathele izinyathelo zomthetho uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Senzo Mchunu, uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uLt General Fannie Masemola kanye nowesifundazwe, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi. UMnu Thomas Getsemane uthathe lesi sinqumo kulandela isigameko sokugasela kwamaphoyisa emzini wakhe ose-La Lucia, eMhlanga ngeledlule.

UGetsemane uthi usekhathele wukuhlukunyezwa ngamaphoyisa njengoba ebengaqali ukumhlukumeza. Encwadini yaseNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, uveze ukuthi ufuna inkantolo ivimbe amaphoyisa angaphansi kophiko lwe-SAPS, ukuba ayeke ukumhlukumeza nomndeni wakhe, ivimbe amaphoyisa ukuba ayeke ukugasele emzini wakhe ukuzopequlula into angayazi, iphoqe amaphoyisa ukuba axhumane nabammeli bakhe uma efuna ukuzopequlula noma efuna ukumbopha futhi abazise uma befuna ukuzobaphenya ngemibuzo kusanesikhathi, asho nosuku azimisele ukufika ngalo. Kule ncwadi ukubeka kucace ukuthi ufuna kube ngabamangalelwa ababhekana nezindleko zokulalelwa kwaleli cala. Uphinde waveza ukuthi iyamkhathaza indlela amaphoyisa asingatha ngayo izindaba ezithinta yena, usola ukuthi kunetulo aboshelwe lona elimbi.

Uthi usola ukuthi konke lokhu okwenziwa ngamaphoyisa kuyena nasemzini wakhe, kuthinta icala elisaqhubeka lapho ebopha khona uhulumeni efuna isinxephezelo sika-R100 million esigamekwenzeka esenzeka ngoLwezi (November) ka-2023. Uthi kulesi sigameko yena nabaqaphi bakhe bavinjwa ngamaphoyisa ayehamba ngezimoto ezingabhaliwe, abakhomba ngezibhamu. Abathatha ayobavalela, wagcina echitha impelasonto ezikhindini futhi aphinde athatha nemali yakhe elinganiselwa ku-R137 000 namanje engakabuyiselwa kuyena nakuba akuveza ukuthi imali yayiqoqwe ebhizinisini lakhe lamatekisi futhi ngesikhathi ebanjwa wayeyoyifaka ebhange. Uphinde waveza ukuthi okunye okumenza abenyama nambana namaphoyisa wukuthi ugaqele isikhundla sokuhola iSANTACO esifundazweni kanti amanye awo anentshisekelo embonini yamatekisi.

Ngakolunye uhlangothi unkosikazi kaGetsemane, uNkk Daisy Getsemane naye uvulele amaphoyisa icala lokuhlukunyezwa nokukhonjwa ngesibhamu esigamekweni athi senzeke ngomhla ka-3 ku-Nhlangulana (June) 2025. Uthi kulesi sigameko kwagasela amaphoyisa emzini wakhe ehleli nendodakazi yakhe. Uthi la maphoyisa angena ngaphandle kwemvume njengoba agudluza isango agasela ngaphakathi endlini, afike abahlukumeza ngokubamba budlabha ngesibhamu. UNkk Getsemane uveze ukuthi lesi sigameko sabashiya bethuthumele nomndeni wakhe kwazise umyeni wakhe wayengekho ebizwe uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi noSihlalo weSANTACO esifundazweni uMnu Boy Zondi.

UNkk Getsemane ufuna la maphoyisa athathelwe izinyathelo ngesenzo sawo esigcine sibashiya behlukumezekile emoyeni. Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uCol Rorbet Netshiunda uliqinisekisile icala elivulwe nguNkk Getsemane. Uthe amaphoyisa ayaphenya ngalesi sigameko.

Ezisematheni

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...