Ilanga News
Home 9 Featured 9 Zibakhalele abasolwa ngokuhlalisa umphakathi lubhojozi

Zibakhalele abasolwa ngokuhlalisa umphakathi lubhojozi

by | 22 October 2025

ABALISA abahlanu abebefunwa uthuli ngamaphoyisa, baboshwe KwaNgcolosi, ngaphandle kwaseHillcrest, entshonalanga yeTheku, ngoLwesithathu emini.

Laba basolwa, iminyaka yabo ephakathi kuka-21 no-25, bese kuphele iminyaka emibili befunwa uthuli ngamaphoyisa njengoba beyanyaniswa nezinsolo zokudubula kubulawe uMnu Sibongiseni Mkhize, noMnu Squmane Gasa, ababengabasendaweni yaseMbo, ngaphandle kwasePinetown.

UMkhize noGasa, badutshulwa babulawa ngomhla ka-18 kuMasingana (January) ngo-2023. Abasolwa ababoshiwe basolwa nangokuhlukumeza amalungu omphakathi ezindaweni ezisentsholanga yeTheku, ngokugqekeza, ukubulala nokudlwengula.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthi balunywe indlebe ngamalungu omphakathi, baqonda emzini abathole kuwo laba basolwa, becashile.

“Amaphoyisa afike athola isibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu. Amalungu omphakathi ahlabe umkhosi athe laba bantu esibabophile, bebehlela ukuyobulala abanye abantu. Amaphoyisa athe uma ephenya, eqeda ukubabopha, athola ukuthi laba bantu bayathinteka, ezigamekweni eziningi zokugqekeza ukubulala, ukuzama ukubulala, nokunukubeza,” esho.

Laba basolwa kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yasePinetown, ngoLwesine.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

Umunyu unina kamufi ebuza umbulali ngamazwi okugcina endodakazi

Umunyu unina kamufi ebuza umbulali ngamazwi okugcina endodakazi

KUVELE ukuthi ubengumuntu womndeni futhi ehola itshe lemali emsebenzini abewenza, owesilisa olahlwe ngamacala okudlwengula nokubulala isitshudeni esasenza izifundo zokushayela amabhanoyi, okuthiwa sasinezinyanga ezinhlanu sikhulelwe amawele. Lokhu kuvele ngoLwesibili...

Isexwayiso kwabaka-matric ngombombayi bamaphepha

Isexwayiso kwabaka-matric ngombombayi bamaphepha

UHLABA ikhwelo umnyango wezeMfundo KwaZulu, wexwayisa abafundi bakamatikuletsheni, ngokusabalala kombombayi bamaphepha asuke engakabhalwa, ezivivinyo zokuphela konyaka. Umnyango uthi abafundi ababhalayo kumele baqikelele ukuthi bayaziqhelelanisa nezinkundla...