Ilanga News
Home 9 Featured 9 Zibakhalele abasolwa ngokuhlalisa umphakathi lubhojozi

Zibakhalele abasolwa ngokuhlalisa umphakathi lubhojozi

by | 22 October 2025

ABALISA abahlanu abebefunwa uthuli ngamaphoyisa, baboshwe KwaNgcolosi, ngaphandle kwaseHillcrest, entshonalanga yeTheku, ngoLwesithathu emini.

Laba basolwa, iminyaka yabo ephakathi kuka-21 no-25, bese kuphele iminyaka emibili befunwa uthuli ngamaphoyisa njengoba beyanyaniswa nezinsolo zokudubula kubulawe uMnu Sibongiseni Mkhize, noMnu Squmane Gasa, ababengabasendaweni yaseMbo, ngaphandle kwasePinetown.

UMkhize noGasa, badutshulwa babulawa ngomhla ka-18 kuMasingana (January) ngo-2023. Abasolwa ababoshiwe basolwa nangokuhlukumeza amalungu omphakathi ezindaweni ezisentsholanga yeTheku, ngokugqekeza, ukubulala nokudlwengula.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthi balunywe indlebe ngamalungu omphakathi, baqonda emzini abathole kuwo laba basolwa, becashile.

“Amaphoyisa afike athola isibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu. Amalungu omphakathi ahlabe umkhosi athe laba bantu esibabophile, bebehlela ukuyobulala abanye abantu. Amaphoyisa athe uma ephenya, eqeda ukubabopha, athola ukuthi laba bantu bayathinteka, ezigamekweni eziningi zokugqekeza ukubulala, ukuzama ukubulala, nokunukubeza,” esho.

Laba basolwa kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yasePinetown, ngoLwesine.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...