Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Isililo kubhubha amakholwa engozini enyantisayo eMpangeni

Isililo kubhubha amakholwa engozini enyantisayo eMpangeni

by | 11 May 2025


BAYISISHIYAGALOLUNYE abazalwane bebandla lamaZayoni ababhubhe engozini enyantisayo emgwaqweni onguthelawayeka uN2 eMpangeni.

ILANGA lifikile endaweni yesigameko latshelwa ukuthi imoto ebeyilayishe abazalwane iHyndai iveni ingenwe ngemuva yiloli elithwala izimoto ezisuke zinezinkinga (tower truck). Amaphoyisa, abezimo eziphuthumayo nezinye izinhlaka ezihlinzeka ngosizo oluphuthumayo basendaweni yesigameko.

Iphoyisa lomgwaqo elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba litshele ILANGA ukuthi lesi sigameko senzeke manje ngezithuba zasekuseni.

"Sithole ukuthi abazalwane bebesuka enkonzweni yabo eSikhawini sebebuyela emakhaya eDukuduku, eMtubatuba. Umshayeli weloli eshayise iveni yabazalwane uthe ube elele ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko. Okwamanje bawu-9 abantu osekuqinisekisiwe ukuthi bashonile kule ngozi," kusho lona.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...