Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Isililo kubhubha amakholwa engozini enyantisayo eMpangeni

Isililo kubhubha amakholwa engozini enyantisayo eMpangeni

by | 11 May 2025


BAYISISHIYAGALOLUNYE abazalwane bebandla lamaZayoni ababhubhe engozini enyantisayo emgwaqweni onguthelawayeka uN2 eMpangeni.

ILANGA lifikile endaweni yesigameko latshelwa ukuthi imoto ebeyilayishe abazalwane iHyndai iveni ingenwe ngemuva yiloli elithwala izimoto ezisuke zinezinkinga (tower truck). Amaphoyisa, abezimo eziphuthumayo nezinye izinhlaka ezihlinzeka ngosizo oluphuthumayo basendaweni yesigameko.

Iphoyisa lomgwaqo elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba litshele ILANGA ukuthi lesi sigameko senzeke manje ngezithuba zasekuseni.

"Sithole ukuthi abazalwane bebesuka enkonzweni yabo eSikhawini sebebuyela emakhaya eDukuduku, eMtubatuba. Umshayeli weloli eshayise iveni yabazalwane uthe ube elele ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko. Okwamanje bawu-9 abantu osekuqinisekisiwe ukuthi bashonile kule ngozi," kusho lona.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...