Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Isililo kubhubha amakholwa engozini yebhasi kuN2

Isililo kubhubha amakholwa engozini yebhasi kuN2

by | 9 March 2025


KUBIKWA ukuthi bebephuma enkonzweni eRichards Bay abantu abayisishiyagalombili ababhubhe engozini yebhasi emgwaqweni onguthelawayeka uN2, phakathi kwaseMandeni naKwaDukuza, namuhla ngeSonto ntambama.

Kuthiwa ibhasi abebehamba ngalo liqhunyelwe yisondo, okube yimbangela yokuthi umshayeli walo engabe esakwazi ukulilawula. Kulesi sigameko kushone abesifazane abayisithupha, owesilisa oyedwa nosana olulodwa.

Phakathi kwezisulu zengozi kubalwa nabane abalaliswe egunjini labagula kakhulu ezibhedlela ezahlukene. 

Ihhovisi likaNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwabantu KwaZulu-Natal, uMnu Siboniso Duma, likhiphe isitatimende lidlulisa amazwi enduduzo emindenini naseihlotsheni zezisulu. 

UDuma uzohambela endaweni yesigameko ngenhloso yokubheka umonakalo nembangela yokwenzeka kwengozi kusasa ngoMsombuluko.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...