
ISITHOMBE NGU-JOHN HLONGWA
KULINDELEKE ukuba siphume kusasa ngoLwesihlanu isigwebo ecaleni lowesifazane owayeyiphoyisa owabulala umyeni wakhe, naye owayeyiphoyisa, ehlangene neshende.
UNtombizodwa Ntinga noSamkelo Mpanza balahlwe ngamacala okubulala uWarrant Officer Nkosinathi Ntinga nomngani wakhe uMnu Mpendulo “Answer” Mdluli esigamekweni esenzeka ngomhla ka-1 kuNcwaba (August) ka-2023 ePhathane, KwaMbonambi.
Laba baphinde balahlwa ngecala lokuthumba nelokubamba inkunzi kusetshenziswa indluzula. Kubikwa ukuthi uNtombizodwa, ongunkosikazi kaNtinga wayekhala ngokuthi uyamkhukumeza umufi, wabe esehlangana neshende elaziwa ngokuthi nguMira Khoza, bakha itulo lokumbulala.
Kuthiwa uKhoza wabe esecela uMpanza ukuba amelekelele babulale uNtinga. Ngosuku lwesigameo kuthiwa laba bangena kwaNtinga bafica uMdluli, owayevakashele uNtinga.
Babe sebebathumba bobabili, uMdluli watholakala ngemva kwesikhashana eshawe kanzima ekhanda, washonela esibhedlela, uNtinga yena watholakala enemqwaba yamanxeba okudutshulwa.
Kwabe sekuboshwa unkosikazi wakhe noMpanza. Ngesikhathi laba belahlwa ngamacala, kufundwe nengonyuluka kaNtombizodwa lapho aveze khona ukuthi umufi wayemhlukumeza.