Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kudutshulwe isangoma sabulawa esigodlweni

Kudutshulwe isangoma sabulawa esigodlweni

by | 18 February 2025

BEKUSANDA kudutshulwa umyeni waso isangoma-mthandazi esidutshulwe sabulawa ngabasolwa ababili abangaziwa eHammarsdale, eThekwini ngezithuba zantambama ngoMgqibelo. UNkk Busisiwe Mthethwa (65) udutshulwe ngabesilisa ababili abafike emzini wakhe bezenza abantu abazofuna usizo lokuhlolelwa esigodlweni sakhe.

Ngokusho kukaNkz Mabongi Mthethwa oyindodakazi kamufi, uthi unina ubeqeda ukuwasha izimpahla zakhe zokugqoka emuva kwalokho wangena endlini yangasese. Uqhuba uthi ababulali kuthe uma betshelwa ukuthi usendlini yangasese bahlala bamlinda okuthe uma efika kubona engakahlali phansi ukuze ebabingelele, bakhipha izibhamu bamdubula amahlandla amaningana.

“Kwenzeka le nto nje ngoMasingana (January) kuwona lo nyaka kudutshulwe ubaba wakhona lapha ekhaya. Wadubuleka onyaweni ngesikhathi kubangiswana ngesibhamu ababemdubula ngaso. Nakhona kwakufike abafana ababili. Sihlalele ovalweni ngenxa yalesi simo,” esho.


UMnu Bless Majola oyikhansela lendawo uchaze umufi njengomuntu obelungile futhi enenhlonipho kubona bonke abantu. “Ubehlale engifonela engibekela uma kunenkinga kagesi, amanzi nezinye izinto ezidinga mina njengekhansela. Wumama nje owaziwayo ngokuthi unamathwasa abuye abe ngumthandazi owaziwayo emphakathini. Alukho olubi esilwaziyo ngomama wakwaMthethwa. Sinxusa ukuba amaphoyisa asebenze ngokuzikhandla ukuze kuqinisekiswe ukuthi ababulali bayabanjwa bagwetshwe,” kusho uMajola.


Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Robert Netshiunda uthe kuvulwe icala lokubulala. “Abasolwa ababili bafike bazenza abantu abadinga usizo lokuhlolelwa ngumelaphi wendabuko. Babaleke ngemoto yohlobo lwe-Toyota Corrola enombala o-grey,” kuphetha uNetshiunda.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...