Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Isililo kudlula uZulu Glamour

Isililo kudlula uZulu Glamour

by | 10 March 2025


KUTHIWA bekade ephethwe yikhanda uZamaweza “Zulu Glamour” Mthalane oshone izolo ebusuku kwashaqeka umkhakha wezikaqedisizungu ikakhulukazi endimeni yomculo kamaskandi.

Lentokazi ebisizakhele udumo endimeni yomculo wesintu. Abaningi bazomkhumbula ebambe iqhaza kuSigiya Ngengoma ememezela imicimbi yabaculi, nasohlelweni lomculo obelusakazwa wuTshatha Ngobe noNtombee Mzolo kuMzansi Magic Music, iYash’Ingoma.

UZulu Glamour udabuka eMabomvini, KwaMaphumulo, uphinde wagqama kakhulu ohlelweni iMasikandi Friday kwiPodcast yoMbuso Wamaciko exoxisana kabanzi nabaculi ngemvelaphi yabo yomculo.

Uphathile izinhlelo emcimbini emikhulu yesintu okubalwa iNgoma kaZwelonke, iMpucuzeko, Gcwalisa All White Spring Picnic neminye.
Mthobisisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...