Ilanga News
Home 9 Featured 9 Sihoxisiwe isiphakamiso sokwandiswa kwezimpahla ezingakhokhelwa iVAT

Sihoxisiwe isiphakamiso sokwandiswa kwezimpahla ezingakhokhelwa iVAT

by | 22 May 2025

USIHOXISILE isiphakamiso ayesenzile ngoNdasa (March) uNgqongqoshe wezeMali, uMnu Enoch Godongwana, sokuba kwandiswe izinhlobo zokudla abathengi abangakhokhishwa kuzo intela ebizwa nge-value added tax (VAT) ezitolo.


UGodongwana uveze ukuhoxiswa kwalesi siphakamiso ngoLwesithathu ngesikhathi ethula isabelomali sanonyaka. Lesi sabelomali sesethulwa isithathu emuva kokuba kwabhuntsha isabelomali ayezosethula ngoNhlolanja (February), kwaphinde kwahoxiswa isabelomali asethule ngomhla ka-12 kuNdasa nonyaka.
Kuleso sabelomali asethule ngoNdasa, umsindo wasuswa yisiphakamiso sikaGodongwana sokwenyusa iVAT ngo-0,5% ku-2025, iphinde yenyuswe ngo-0,5% ngo-2026.


Kwisabelomali asethule ngoLwesithathu uGodongwana uthe njengoba kuhoxisiwe ukwenyuswa kweVAT, ngakho-ke nesinqumo sokwandiswa kwezimpahla abathengi abangakhokhiswa kuzo iVAT siyahoxiswa.
Uqiniseke ukuthi iVAT izoqhuba ibe lapho ibivele ikhona ku-15%.


Ephawula ngomsindo owaqutshulwa yilesi siphakamiso sokwenyuswa kweVAT uthe: “Akumangazi ukuthi isiphakamiso sangomhla ka-12 kuNdasa sokwenyuswa kweVAT, sasusa impikiswano enkulu. Akunakungabaza ukuthi yimpikiswano ebalulekile, kodwa futhi eyadala ungabazana oluthile,” kusho uGodongwana.


Uqhube wathi isinqumo sokuhoxisa ukwenyuswa kweVAT sikhombisa ukuzibophezela kukahulumeni ukulalela abakhala ngakho abantu baseNingizimu Afrika, kanye nokulalela wonke amaqembu epolitiki ephalamende.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...