Ilanga News
Home 9 Featured 9 Sihoxisiwe isiphakamiso sokwandiswa kwezimpahla ezingakhokhelwa iVAT

Sihoxisiwe isiphakamiso sokwandiswa kwezimpahla ezingakhokhelwa iVAT

by | 22 May 2025

USIHOXISILE isiphakamiso ayesenzile ngoNdasa (March) uNgqongqoshe wezeMali, uMnu Enoch Godongwana, sokuba kwandiswe izinhlobo zokudla abathengi abangakhokhishwa kuzo intela ebizwa nge-value added tax (VAT) ezitolo.


UGodongwana uveze ukuhoxiswa kwalesi siphakamiso ngoLwesithathu ngesikhathi ethula isabelomali sanonyaka. Lesi sabelomali sesethulwa isithathu emuva kokuba kwabhuntsha isabelomali ayezosethula ngoNhlolanja (February), kwaphinde kwahoxiswa isabelomali asethule ngomhla ka-12 kuNdasa nonyaka.
Kuleso sabelomali asethule ngoNdasa, umsindo wasuswa yisiphakamiso sikaGodongwana sokwenyusa iVAT ngo-0,5% ku-2025, iphinde yenyuswe ngo-0,5% ngo-2026.


Kwisabelomali asethule ngoLwesithathu uGodongwana uthe njengoba kuhoxisiwe ukwenyuswa kweVAT, ngakho-ke nesinqumo sokwandiswa kwezimpahla abathengi abangakhokhiswa kuzo iVAT siyahoxiswa.
Uqiniseke ukuthi iVAT izoqhuba ibe lapho ibivele ikhona ku-15%.


Ephawula ngomsindo owaqutshulwa yilesi siphakamiso sokwenyuswa kweVAT uthe: “Akumangazi ukuthi isiphakamiso sangomhla ka-12 kuNdasa sokwenyuswa kweVAT, sasusa impikiswano enkulu. Akunakungabaza ukuthi yimpikiswano ebalulekile, kodwa futhi eyadala ungabazana oluthile,” kusho uGodongwana.


Uqhube wathi isinqumo sokuhoxisa ukwenyuswa kweVAT sikhombisa ukuzibophezela kukahulumeni ukulalela abakhala ngakho abantu baseNingizimu Afrika, kanye nokulalela wonke amaqembu epolitiki ephalamende.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...