
UPHIKISA abathi kubonwa ngokusa kwi-ANC umengameli waleli qembu, uMnu Cyril Ramaphosa (osesithombeni), njengoba ethi likhula usuku nosuku.
Ubekhuluma eTembisa, eSoweto, ngoLwesithathu, ngesikhathi leli qembu likhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya. Uthe uyezwa nje abanye abantu bethi i-ANC iyafa, kodwa ngokwazi kwakhe, lokho kakulona iqiniso. Uthe nakuba benazo izinkinga, kodwa iqembu liyakhula.
“Sisebenza ngokuzikhandla, siyaxhumana nezakhamizi zaseNingizimu Afrika. Ngingakuqinisekisa nje ukuthi uKhongolose kawukho okhukhweni lokufa, uyaphila nje. Amalungu ethu ayakhula usuku nosuku. Kulaba abathi iqembu liyafa, ngifisa ukubacacisela ukuthi yiphupho lelo elingasoze lafezeka,” kusho uRamaphosa.
Uthe seyiminingi iminyaka kukhona abathi i-ANC izoshabalala, kodwa lokho kungenzeki. Uthe bazoqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla ukuze leli qembu libe khona eminye iminyaka eminingi ezayo.
URamaphosa ukhuluma kanjena nje, abahlaziyi bezepolitiki abazimele, bakhomba ukuthi lizokwehla izinga lokuvotelwa kwe-ANC okhethethweni lohulumeni basekhaya. Bathi okukhombisa ukuthi leli qembu kaliyi phambili, yimiphumela yokhetho lukahulumeni kazwelonke nezifundazwe lwango-2024.







