Ilanga News
Home 9 Featured 9 ISilo nesimemezelo esimqoka ngemicimbi emikhulu yaseNdlunkulu

ISilo nesimemezelo esimqoka ngemicimbi emikhulu yaseNdlunkulu

by | 9 August 2025

YIMBOKODO ebihambele uMkhosi weSivivane esigodlweni saseMachobeni.


YONKE imicimbi emikhulu esizweni samaZulu izobanjelwa esigodlweni esisanda kwakhiwa eMashobeni, eMpakama, KwaNongoma. Lesi yisimemezelo esibalulekile esenziwe yiSilo uMisuzulu kaZwelithini eMkhosini weSivivane obekungokokuqala ubanjelwe kulesi sigodlo. 

Besekuyisikhathi eside kuzwakala amahlebezi okuthi iSilo sinezinhlelo zokuyithutha yonke imicimbi emikhulu. ILANGA lalikhona emcimbini wokubusiswa kwalesi sigodlo. Sabusiswa nangemigidi yebandla lamaNazaretha ohlangothi lwaseBuhleni oluholwa yiNkosi Mduduzi ‘Nyazilwezulu’ Shembe. Nalo uNyazi lwalukhona kulo mcimbi.

“Ngiyazi ukuthi sonke besesijwayele ukuthi yonke imicimbi ibanjelwa esigodlweni eNyokeni, kodwa-ke sesiyokhalela ngaphakathi ngoba isiko yilona elisikhombayo ukuthi yini okufanele yenzeke. 

“UMkhosi woKweshwama ubanjelwe khona lapha. Lowo ngumkhosi owandulela yonke imikhosi yasendlunkulu. Njengoba owanamuhla ulapha nawo. UMkhosi woMhlanga owandulelwa ngowasesigodlweni eMachobeni, eNgwavuma, nawo uzobanjelwa khona lapha eMashobeni. Lesi yisigodlo sikandlunkulu wami uMaMdluli,” kusho iMbube. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...