Ilanga News
Home 9 Featured 9 ISilo nesimemezelo esimqoka ngemicimbi emikhulu yaseNdlunkulu

ISilo nesimemezelo esimqoka ngemicimbi emikhulu yaseNdlunkulu

by | 9 August 2025

YIMBOKODO ebihambele uMkhosi weSivivane esigodlweni saseMachobeni.


YONKE imicimbi emikhulu esizweni samaZulu izobanjelwa esigodlweni esisanda kwakhiwa eMashobeni, eMpakama, KwaNongoma. Lesi yisimemezelo esibalulekile esenziwe yiSilo uMisuzulu kaZwelithini eMkhosini weSivivane obekungokokuqala ubanjelwe kulesi sigodlo. 

Besekuyisikhathi eside kuzwakala amahlebezi okuthi iSilo sinezinhlelo zokuyithutha yonke imicimbi emikhulu. ILANGA lalikhona emcimbini wokubusiswa kwalesi sigodlo. Sabusiswa nangemigidi yebandla lamaNazaretha ohlangothi lwaseBuhleni oluholwa yiNkosi Mduduzi ‘Nyazilwezulu’ Shembe. Nalo uNyazi lwalukhona kulo mcimbi.

“Ngiyazi ukuthi sonke besesijwayele ukuthi yonke imicimbi ibanjelwa esigodlweni eNyokeni, kodwa-ke sesiyokhalela ngaphakathi ngoba isiko yilona elisikhombayo ukuthi yini okufanele yenzeke. 

“UMkhosi woKweshwama ubanjelwe khona lapha. Lowo ngumkhosi owandulela yonke imikhosi yasendlunkulu. Njengoba owanamuhla ulapha nawo. UMkhosi woMhlanga owandulelwa ngowasesigodlweni eMachobeni, eNgwavuma, nawo uzobanjelwa khona lapha eMashobeni. Lesi yisigodlo sikandlunkulu wami uMaMdluli,” kusho iMbube. 

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...