Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuzokwethulwa incwadi exoxa ngomlando wephephandaba ILANGA

Kuzokwethulwa incwadi exoxa ngomlando wephephandaba ILANGA

by | 4 November 2025

KULINDELEKE ukuba yethulwe ngoLwesihlanu, eThekwini, incwadi equkethe umlando wephephandaba ILANGA.

Le ncwadi esihloko sayo sithi, “Ulibambe Lingashoni! A History of Ilanga laseNatal, ehlelwe nguSolwazi uBongani Ngqulunga, wayibhala ngokubambisana nezinye izifundiswa, inezahluko ezingaphezu kuka-10 eziqukethe umlando waleli phephandaba elingelidala kunawo wonke awesiZulu, njengoba lineminyaka ewu-122, kanjalo nomlando ngabasunguli balo uJohn Langalibalele Dube, uMafukuzela, nowakwakhe uNokutela Dube.

Ekhuluma naleli phephandaba uSolwazi uNgqulunga, uthe kuningi okuzohlonyulwa abafundi ngale ncwadi.


“Inhloso bekungukuthi le ncwadi ngiyethule ngo-2023, ngesikhathi ILANGA lihlanganisa iminyaka ewu-120 lasungulwa, kodwa kwaba nezihibe njengoba sizoyethula ngoLwesihlanu. Siyibhale ngokuhlanganyela nezinye izifundiswa ezisondelene kakhulu nomlando weLANGA nezibhale kakhulu ngomlando kaMafukuzela,” esho.

Ezisematheni

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

IVEZE usizi olunzima ebikade ibhekene nalo imindeni yaKwaNongoma eHlalankosi ehlomule ngemizi namhlanje ngoLwesihlanu emuva kokuhlala isikhathi eside 'emafukwini' ngenxa yokukhahlanyezwa izikhukhula. Kuhlomule imindeni ewu-10 ngemizi iyakhelwa uMnyango wezokuBusa...

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

UBONGE uKhomishana wamaPhoyisa waKwaZulu Natal uLt Nhlanhla Mkhwanazi, uBrigadier Dineo Mokwele, ngemuva kokuhoxiswa kwamacala abebhekene nawo nabanye abebesolwa nabo okukhona kubona neNhloko yoPhiko lwezobuNhloli emaphoyiseni General Dumisani Khumalo. UMokwele...

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ihlela ukuvulela ilungu le-DA ePhalamende uMnu Mark Burke nenkampani emataniswa nayo iKastelo icala ngemuva kokusabalala kwezinsolo ezithinta izigidigidi zamarandi. USotswebhu we-ANC ePhalamende uMnu Mdumiseni Ntuli kubikwa ukuthi uthe inhloso yokuvula leli cala...