Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuzokwethulwa incwadi exoxa ngomlando wephephandaba ILANGA

Kuzokwethulwa incwadi exoxa ngomlando wephephandaba ILANGA

by | 4 November 2025

KULINDELEKE ukuba yethulwe ngoLwesihlanu, eThekwini, incwadi equkethe umlando wephephandaba ILANGA.

Le ncwadi esihloko sayo sithi, “Ulibambe Lingashoni! A History of Ilanga laseNatal, ehlelwe nguSolwazi uBongani Ngqulunga, wayibhala ngokubambisana nezinye izifundiswa, inezahluko ezingaphezu kuka-10 eziqukethe umlando waleli phephandaba elingelidala kunawo wonke awesiZulu, njengoba lineminyaka ewu-122, kanjalo nomlando ngabasunguli balo uJohn Langalibalele Dube, uMafukuzela, nowakwakhe uNokutela Dube.

Ekhuluma naleli phephandaba uSolwazi uNgqulunga, uthe kuningi okuzohlonyulwa abafundi ngale ncwadi.


“Inhloso bekungukuthi le ncwadi ngiyethule ngo-2023, ngesikhathi ILANGA lihlanganisa iminyaka ewu-120 lasungulwa, kodwa kwaba nezihibe njengoba sizoyethula ngoLwesihlanu. Siyibhale ngokuhlanganyela nezinye izifundiswa ezisondelene kakhulu nomlando weLANGA nezibhale kakhulu ngomlando kaMafukuzela,” esho.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...