Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 ISilo sesivuma okwashiwo nguShenge ngesikasihlalo weNgonyama Trust

ISilo sesivuma okwashiwo nguShenge ngesikasihlalo weNgonyama Trust

by | 26 February 2025

ISILO uMisuzulu kaZwelithini sesivuma okwashiwo nguMntwana waKwaPhindangene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, ngaphambi kokuba akhothame ngo-2023, ukuthi esikhundleni sikasihlalo weNgonyama Trust Board (ITB) kudingeka umuntu oyisazi sezomthetho, hhayi nje noma ngubani.

Sikhuluma ngoLwesihlanu emcimbini Isibaya, obusesigodlweni eMashobeni, KwaNongoma, iSilo sithe sisamqalaza umuntu esizombeka kulesi sikhundla.

UMntwana waKwaPhindangene wakhothama ekhala ngesinqumo seSilo sokuqoka umuntu “ongenawo amagalelo okuhola ibhodi, futhi ongenazo iziqu zomthetho”.

Waphumela obala ephikisa isinqumo seNgonyama uMisuzulu sokuqoka iNkosi Thanduyise kaMpiyezintombi Mzimela wesizwe sasemaZimeleni, eMthunzini, owangena ngemuva kokukhishwa kukaMnu Jerome Ngwenya, owayengusihlalo wale bhodi iminyaka eminingi kusaphila iSilo esebuzayo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.

Emuva kwesikhashana, iSilo sayidiliza iNkosi Mzimela kulesi sikhundla, sase sihlala sona.

“Ngingusihlalo weNgonyama Trust. Lokho nina beSilo ngakwenza ngamabomu ngoba ngathatha isinqumo sokuba njengeNgonyama, akekho ongavikela umhlabathi kaZulu ukwedlula mina.

“Nina beSilo, isihlalo lesi sikasihlalo weNgonyama Trust – yebo khona ngifundile kodwa angibufundelanga ubumeli – sidinga umuntu owazi umthetho.

“Sidinga umuntu onguMzulu, ozokwazi ubukhosi, azi usikompilo lwethu singamaZulu,” kusho iSilo.

Siqhube sathi sisamcinga umuntu esizombeka kulesi sikhundla esisaphethwe yisona.

“Ngisaqalaza ukuthi konje ngingabeka bani ngoba maningi amadoda ahlakaniphile KwaZulu, esesinawo manje,” kusho iSilo.

Ezisematheni

Ungqongqoshe ukhathazekile ngeyodlame ezikoleni

Ungqongqoshe ukhathazekile ngeyodlame ezikoleni

UNGQONGQOSHE wezeMfundo, KwaZulu-NataL, uMnu Sipho Hlomuka, uthi imumi emphinjeni idaba yokuhlukunyezwa kwabafundi ezikoleni zesifundazwe. Isigameko sakamuva, senzeke esikoleni iBukimvelo High School, eZibayeni, eHluhluwe, esifundeni uMkhanyakude. Abafundi bakaGrade...

ISagiya Foundation yethula uhlelo lokuthuthukisa ezobuciko

ISagiya Foundation yethula uhlelo lokuthuthukisa ezobuciko

INHLANGANO engenzi nzuzo i-Sagiya Foundation, ngokulekelelwa yi-National Arts Council of South Africa (NAC), iyajabula ukumemezela umkhankaso omkhulu nomkhosi wezobuciko oyingqophamlando obizwa ngokuthi Inaugural Bulwer Imbizo Yobuciko Capacity Building and Arts...

UseMlazi uMkhosi weLembe walo nyaka

UseMlazi uMkhosi weLembe walo nyaka

UMGUBHO waminyaka yonke wokukhumbula iSilo uShaka, umsunguli wesizwe samaZulu, useKing Zwelithini Stadium, eMlazi, kulo nyaka. Uzoba ngoLwesine, njengoba iSilo uMisuzulu kaZwelithini, sanquma ukuthi imigubho yeLembe, ibengawo umhla ka-24 kuMandulo (September), ilanga...