Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 ISilo sesivuma okwashiwo nguShenge ngesikasihlalo weNgonyama Trust

ISilo sesivuma okwashiwo nguShenge ngesikasihlalo weNgonyama Trust

by | 26 February 2025

ISILO uMisuzulu kaZwelithini sesivuma okwashiwo nguMntwana waKwaPhindangene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, ngaphambi kokuba akhothame ngo-2023, ukuthi esikhundleni sikasihlalo weNgonyama Trust Board (ITB) kudingeka umuntu oyisazi sezomthetho, hhayi nje noma ngubani.

Sikhuluma ngoLwesihlanu emcimbini Isibaya, obusesigodlweni eMashobeni, KwaNongoma, iSilo sithe sisamqalaza umuntu esizombeka kulesi sikhundla.

UMntwana waKwaPhindangene wakhothama ekhala ngesinqumo seSilo sokuqoka umuntu “ongenawo amagalelo okuhola ibhodi, futhi ongenazo iziqu zomthetho”.

Waphumela obala ephikisa isinqumo seNgonyama uMisuzulu sokuqoka iNkosi Thanduyise kaMpiyezintombi Mzimela wesizwe sasemaZimeleni, eMthunzini, owangena ngemuva kokukhishwa kukaMnu Jerome Ngwenya, owayengusihlalo wale bhodi iminyaka eminingi kusaphila iSilo esebuzayo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.

Emuva kwesikhashana, iSilo sayidiliza iNkosi Mzimela kulesi sikhundla, sase sihlala sona.

“Ngingusihlalo weNgonyama Trust. Lokho nina beSilo ngakwenza ngamabomu ngoba ngathatha isinqumo sokuba njengeNgonyama, akekho ongavikela umhlabathi kaZulu ukwedlula mina.

“Nina beSilo, isihlalo lesi sikasihlalo weNgonyama Trust – yebo khona ngifundile kodwa angibufundelanga ubumeli – sidinga umuntu owazi umthetho.

“Sidinga umuntu onguMzulu, ozokwazi ubukhosi, azi usikompilo lwethu singamaZulu,” kusho iSilo.

Siqhube sathi sisamcinga umuntu esizombeka kulesi sikhundla esisaphethwe yisona.

“Ngisaqalaza ukuthi konje ngingabeka bani ngoba maningi amadoda ahlakaniphile KwaZulu, esesinawo manje,” kusho iSilo.

Ezisematheni

UMalema uphika eyokwazana noCat Matlala

UMalema uphika eyokwazana noCat Matlala

UMENGAMELI we-Economic Freedom Front (EFF), uMnu Julius Malema, uyaziqhelelanisa noMnu Vusumuzi "Cat" Matlala, ogqunywe eKgosi Mampuru Correctional Centre, ePretoria, ngecala lokuzama ukubulala owayeyintombi yakhe. UMatlala, othola amathenda ezigidi kuHulumeni, igama...

I-EFF inqobe i-ward yangakubo kaMalema

I-EFF inqobe i-ward yangakubo kaMalema

I-EFF inqobe ukhetho lokuchibiyela obelushubile ku-ward 13 eSeshego, ePolokwane. Le ward ibivele ingaphansi kwalo leli qembu. Kule ward, okuvela kuyo umholi waleli qembu uMnu Julius Malema, i-EFF ibifolose ngoMnu Michael Ramaphoko, njengekhansela layo. Ngokombiko...

USibiya uthi uyakwemukela ukuqokwa kwekhomishini yophenyo

USibiya uthi uyakwemukela ukuqokwa kwekhomishini yophenyo

IPHINI likakhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uJenene Shadrack Sibiya lithi liyakwemukela ukuqokwa kwekhomishini ezophenya ngezinsolo zenkohlakalo embuthweni wamaphoyisa. NgeSonto uMengameli Cyril Ramaphosa umemezele ikhomishini yophenyo ezophenya ngezinsolo zikaLt-Gen...