Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 ‘Izakhamizi mazibekwe phambili’ – Hlabisa

‘Izakhamizi mazibekwe phambili’ – Hlabisa

by | 24 March 2026

I

NKULULEKO kayisoze yaphelela uma eNingizimu Afrika kungabekwa phambili izakhamizi zayo. Lawa ngamazwi kaMengameli weNkatha Freedom Party (IFP), uMnu Velenkosini Hlabisa, awasho ngesikhathi ethula inkulumo emcimbini weqembu, wokugubha iminyaka ewu-51 lasungulwa, obuseBethal, eduze kwaseSecunda, eMpulanga, ngeSonto.

Lo mcimbi obekukhona kuwona cishe bonke ubuholi be-IFP obuphezulu, ubuhlanganiswe nomgubho woSuku lwamaLungelo abaNtu (Human Rights Day) obelungoMgqibelo. Ethula inkulumo yosuku, uHlabisa uchazele abantu ngeqhaza loMntwana waKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi, neqembu lakhe, ekutheni izwe ligcine lithole inkululeko.

“Udaba lweNkatha wudaba lwabantu bonke baseNingizimu Afrika. INkatha yeNkululeko yeSizwe yasungulwa ngesikhathi esinzima lapho (amanye) amaqembu epolitiki (abampisholo) ayengavunyelwe. Yiyona kuphela eyaba yizwi elalilwela ukukhululwa kwezishoshovu zepolitiki ezaziboshwe wuhulumeni wobandlululo, kanjalo nezinhlangano ezazingavunyelwe ukuba khona,” esho.

Njengoba bekugujwa uSuku lwamaLungelo abaNtu, uHlabisa uthe izwe kalikhululekile uma kusabhilite ukwentuleka kwemisebenzi, nobugebengu. Uthe iqembu lakhe lizoqhubeka nokulwela ukuthi kubekwe phambili abantu bakuleli kuyona yonke imikhakha yempilo, abokufika bavunyelwe ukusebenza kuphela kuleyo mikhakha eshoda ngabantu abanamakhono ayo.

Unxuse ukuba kuqiniswe ezokuphepha emingceleni yakuleli, kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanje namasosha. Uthe kumele kuthathwe izinyanga eziyisithupha ukuthi abokufika abangenawo amaphepha, ukuthi bawalungise, emuva kwalokho kuqalwe uhlelo olunzima, lokubabuyisela emazweni abo.

“Abantu bangaphande abangenayo imvume yokuba kuleli, mabaphindele emazweni abo. INingizimu Afrika ngeyabantu baleli zwe. Buka nje sesithukwa ngabantu bokufika, bedelela umthetho wezwe lethu,” esho.

Ubekhuluma ngoSolomon Ogbonna Eziko, waseNigeria, okusuke umsindo ngeledlule, ezibeka njengeNkosi yamaNigeria, e-East London. Uthe ngokomthetho wezwe, akekho umuntu ovunyelwe ukuba yinkosi, ahole abantu, ngaphandle kwesitifiketi somnyango wakwaCogta. NjengoNgqongqoshe wakwaCogta, uthe uzoyilwa le nhlamba elakuleli elithukwa ngayo. Akasishiyanga ngaphandle nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.

“UMntwana waKwaPhindangene wasishiya nomyalelo wokuthi sikulwele ukuvikelwa kwabesifazane nezingane. Abafana kumele bafundiswe besebancane ukuthi kubi ukuhlukumeza nokubeka isandla umuntu wesifazane. Wonke amadoda ngiwaphonsela inselelo yokuthi enze okuthile uma emiphakathini yethu sibona omunye wesilisa ehlukumeza umuntu wesifazane noma ingane,” kusho uHlabisa.

Kulo mcimbi iNkatha yemukele amalungu amasha, asuka kwi-ANC. Uthe iNkatha iyingxenye yeGNU ukuqinisekisa ukuthi umphakathi uyazithola izidingo zawo.

“Ukuba yingxenye yeGNU, kakwenzi i-ANC ne-IFP kube yinto eyodwa. Singamaqembu ehlukene, siyancintisana uma sekuyiwa ebhokisini lokufaka ivoti. Isizathu sokusebenzisana sisodwa; wukuthi kusizakale izakhamizi zaseNingizimu Afrika,” esho.

Uphethe ngokunxusa abantu, ikakhulu intsha, ukuqinisekisa ukuthi ibhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya, okubhekwe ukuthi lube sekuphe-leni konyaka noma ekuqaleni konyaka ozayo. Usuku lokuvota lusazomenyezelwa.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...