Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Umunyu kubuya izishoshovu zakuleli ‘ezithunjwe ziyosiza eGaza’

Umunyu kubuya izishoshovu zakuleli ‘ezithunjwe ziyosiza eGaza’

by | 9 October 2025

YINKOSI uMandla Mandela.

IFIKELWE yizinyembezi yakhala iNkosi uMandla Mandela, ngesikhathi ichaza “ngokuhlukunyezwa” kwabo ngabakwa-Israel njengoba “bebethunjiwe”.

Le nkosi yabaThembu baseMvezo, engumzukulu kamengameli wokuqala weNingizimu Afrika ekhululekile, uMnu Nelson Mandela (ongasekho), ibiyingxenye yezishoshovu eziwu-6, ebeziye eGaza, ukuyonika abantu basePalestine usizo ngoba kunezinxushunxushu phakathi kwamaPalestine no-Israel.

Kuthiwa baboshwe ngabakwa-Israel sebewela umfula iJordaan. Bathi baboshwe izandla, bahlukunyezwa kanzima. Ngesikhathi betheleka esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport, eGauteng, bemukeliswe okwamaqhawe ngabantu abazwelana namaPalestine.

INkosi uMandela ihlulekile wukuzibamba ngesikhathi ikhuluma esithangamini sabezindaba, yakhala, abantu baze bayinika amanzi okuphuza.

“Siyabonga kubantu abebeseseka nabebesinika usizo ngoba besithunjiwe laphaya ekubeni besiyonika abantu abahlukumezekile usizo,” kusho iNkosi uMandela.

Ngesikhathi siqhubeka isithangami sabezindaba, abantu abebethamele futhi beyokweseka lezi zishoshovu, bebememeza bethi “Free Palestine! Free Palestine! Free Palestine!” begqoke izevatho ezigqokwa ngabantu bakuleliya lizwe.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...