Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Umunyu kubuya izishoshovu zakuleli ‘ezithunjwe ziyosiza eGaza’

Umunyu kubuya izishoshovu zakuleli ‘ezithunjwe ziyosiza eGaza’

by | 9 October 2025

YINKOSI uMandla Mandela.

IFIKELWE yizinyembezi yakhala iNkosi uMandla Mandela, ngesikhathi ichaza “ngokuhlukunyezwa” kwabo ngabakwa-Israel njengoba “bebethunjiwe”.

Le nkosi yabaThembu baseMvezo, engumzukulu kamengameli wokuqala weNingizimu Afrika ekhululekile, uMnu Nelson Mandela (ongasekho), ibiyingxenye yezishoshovu eziwu-6, ebeziye eGaza, ukuyonika abantu basePalestine usizo ngoba kunezinxushunxushu phakathi kwamaPalestine no-Israel.

Kuthiwa baboshwe ngabakwa-Israel sebewela umfula iJordaan. Bathi baboshwe izandla, bahlukunyezwa kanzima. Ngesikhathi betheleka esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport, eGauteng, bemukeliswe okwamaqhawe ngabantu abazwelana namaPalestine.

INkosi uMandela ihlulekile wukuzibamba ngesikhathi ikhuluma esithangamini sabezindaba, yakhala, abantu baze bayinika amanzi okuphuza.

“Siyabonga kubantu abebeseseka nabebesinika usizo ngoba besithunjiwe laphaya ekubeni besiyonika abantu abahlukumezekile usizo,” kusho iNkosi uMandela.

Ngesikhathi siqhubeka isithangami sabezindaba, abantu abebethamele futhi beyokweseka lezi zishoshovu, bebememeza bethi “Free Palestine! Free Palestine! Free Palestine!” begqoke izevatho ezigqokwa ngabantu bakuleliya lizwe.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...