Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umhlangano weG20 wokubhunga ngezindlela zokuphucula ezempilo

Umhlangano weG20 wokubhunga ngezindlela zokuphucula ezempilo

by | 26 March 2025

UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuzwelonke uDkt Aaron Motsoalesi uzokwethula inkulumo eqavile emhlanganweni wezinsuku ezintathu weG20 Health Working Group oqale namuhla eZimbali Coastal Estate, eBallito.


Lo mhlangano uyingxenye yemicimbi eyandulela ingqungquthela yamazwe eG20 ezokuba ngoLwezi (November) kuleli.

EZimbali kulindeleke ukuba izithunywa ezivela kulawa mazwe zibhunge ngezindlela zokuqinisa izinhlelo zokuhlinzeka ngezempilo nokuqinisekisa ukuthi zifinyelela ngendlela elinganayo kuwona wonke umuntu.


Encwadini yokwemukela izithunywa, uMotsoaledi unxuse ukuba kubanjiswane ukuqinisekisa ukulingana nozinzo ezinhlelweni zokuhlinzeka abantu ngosizo lwezempilo.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...