Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umhlangano weG20 wokubhunga ngezindlela zokuphucula ezempilo

Umhlangano weG20 wokubhunga ngezindlela zokuphucula ezempilo

by | 26 March 2025

UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuzwelonke uDkt Aaron Motsoalesi uzokwethula inkulumo eqavile emhlanganweni wezinsuku ezintathu weG20 Health Working Group oqale namuhla eZimbali Coastal Estate, eBallito.


Lo mhlangano uyingxenye yemicimbi eyandulela ingqungquthela yamazwe eG20 ezokuba ngoLwezi (November) kuleli.

EZimbali kulindeleke ukuba izithunywa ezivela kulawa mazwe zibhunge ngezindlela zokuqinisa izinhlelo zokuhlinzeka ngezempilo nokuqinisekisa ukuthi zifinyelela ngendlela elinganayo kuwona wonke umuntu.


Encwadini yokwemukela izithunywa, uMotsoaledi unxuse ukuba kubanjiswane ukuqinisekisa ukulingana nozinzo ezinhlelweni zokuhlinzeka abantu ngosizo lwezempilo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...