Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ISilo simema isizwe emgcagweni waso

ISilo simema isizwe emgcagweni waso

by | 7 January 2025

INDLUNKULU kaZulu, ngomlomo woMntwana uSimphiwe Zulu, isimeme isizwe ukuba sibe yingxenye yomgcagco weSilo uMisuzulu kaZwelithini.

UMntwana uSimphiwe ukhiphe lesi simemo enkulumweni eyethule kuFacebook, ekhasini layo iNgonyama, lapho ethe uthunywe yiyo ukubika ukuthi umgonqo waso usahamba kahle, kanjalo namalungiselelo oMkhosi woSelwa.

UMkhosi woSelwa uzokuba sesigodlweni saseMashobeni, KwaNongoma. Uthe ibutho labafana kulindelwe ukuthi lifike ngomhla ka-11.

Umeme isizwe namakhosi asendlunkulu emcimbini womkhehlo kaNdlunkulu uNomzamo “Masesi” Myeni ngomhla ka-24 eJozini, kuthi ngomhla ka-26 kube nomgcagco esigodlweni KwaKhangelamankengane.

“Isizwe sonke namakhosi aseNdlunkulu bayanxuswa ukuba baphunelele kule micimbi,” kusho uMntwana uSimphiwe.

Uphinde waveza ukuthi umkhosi wokukhumbula indlu yaseSandlwana uzokuba ngomhla ka-22 kwephezulu.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...