Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ISilo simema isizwe emgcagweni waso

ISilo simema isizwe emgcagweni waso

by | 7 January 2025

INDLUNKULU kaZulu, ngomlomo woMntwana uSimphiwe Zulu, isimeme isizwe ukuba sibe yingxenye yomgcagco weSilo uMisuzulu kaZwelithini.

UMntwana uSimphiwe ukhiphe lesi simemo enkulumweni eyethule kuFacebook, ekhasini layo iNgonyama, lapho ethe uthunywe yiyo ukubika ukuthi umgonqo waso usahamba kahle, kanjalo namalungiselelo oMkhosi woSelwa.

UMkhosi woSelwa uzokuba sesigodlweni saseMashobeni, KwaNongoma. Uthe ibutho labafana kulindelwe ukuthi lifike ngomhla ka-11.

Umeme isizwe namakhosi asendlunkulu emcimbini womkhehlo kaNdlunkulu uNomzamo “Masesi” Myeni ngomhla ka-24 eJozini, kuthi ngomhla ka-26 kube nomgcagco esigodlweni KwaKhangelamankengane.

“Isizwe sonke namakhosi aseNdlunkulu bayanxuswa ukuba baphunelele kule micimbi,” kusho uMntwana uSimphiwe.

Uphinde waveza ukuthi umkhosi wokukhumbula indlu yaseSandlwana uzokuba ngomhla ka-22 kwephezulu.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...