Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuphinde kwabambezeleka ukugwetshwa kowayesikhulu samaphoyisa

Kuphinde kwabambezeleka ukugwetshwa kowayesikhulu samaphoyisa

by | 1 March 2026


KUZOCACA ngo-Mbasa (April) ngokugwetshwa kowayeyisikhulu sezokuxhumana sesiteshi samaphoyisa aseBhekithe-mba, eMlazi, uKhephu Ndlovu, kwelomukela intshontsho lika-R120 000, ukuze siphazamise ubufakazi kwelinye lamacala okubulala elalibhekene nesihlobo sakhe.


UKhephu ubevele eNkantolo yesiFunda sasePinetown ngoLwe-sibili, lapho obekulindeleke uku-ba agibele ebhokisini lofakazi, azincengele ukuba inkantolo imthambisele isigwebo, okugcine kungenzekanga ngenxa yokugula komunye wabamangalelwa kuleli cala.


UKhephu uboshwe noBonginkosi Dlamini, owayengukapteni wa-maphoyisa, uSibongile Ndlovu, oyinkosikazi kaFelokwakhe Ndlo-vu owayeyinduna yaKwaNdengezi, noLindokuhle Mbonambi, oyi-ndodana kaFelokwakhe.
Laba balahlwa yicala lokuzama ukuphazamisa ukusebenza kwe-ngalo yomthetho nelenkohlakalo, njengoba bazama ukuphazamisa ubufakazi ecaleni lokubulawa kwesishoshovu se-ANC KwaNde-ngezi uMnu Thulani Nxumalo, elalibhekene noFelokwakhe ngo-2018.


Ubufakazi obethulwa enkantolo buveza ukuthi ngesikhathi kubonakala ukuthi icala lokubulala uNxumalo liyamgojela uFelokwa-khe, wahlela nenkosikazi yakhe, uSibongile, ukuba kugwazelwe uKhephu noDlamini, okunguye owayephenya icala, ngo-R120 000, ukuze kuphazanyiswe ubufakazi.
Kuthiwa uSibongile wabe esebanika le mali esi-teshini samapho-yisa iDurban Central, pha-kathi ku-kaNcwaba (August) noMfu-mfu (Octo-ber) ka-2019. Kuthi-wa ngemuva kokukho-khwa kwa-le mali, ba-qala ukupha-zamisa ubufakazi.
Kuthiwa uDlamini wayalela ufakazi owayepha-mbili kuleli cala ukuba ahoxise isitatimende asenza, aphinde ahoxe ekubeni ngufakazi ukuze kuphephe impilo yakhe.


Ubufakazi baveza ukuthi uKhephu wasebenzisa amandla akhe njengoba wayenguLt-Col, ukuyalela abanye abaphenyi ukuba ba-ngazihlanganisi naleli cala.
NgoLwesibili uMshushisi u-Adv Lawrence Gcaba, utshele inkantolo ukuthi ngeke bakwazi ukuqhu-beka naleli cala.
“Ngaziswe namuhla ekuseni ukuthi ummangalelwa wesihlanu (uLindokuhle) ungeniswe esibhe-dlela. Phezu kwalokho, sisabheke-ne nenkinga yokuthola iminini-ngwane yezempilo (medical reco-rds) kammangalelwa wesine (uKhephu) ezikhulwini zejele.
“Sesize sahambisa incwadi ya-lapha enkantolo ukuba ziphoqwe ukuba ziyidedele. Sisalinde nama-rekhodi okwakwenzeka lapha enkantolo kusuka ngoNhlaba (May) ka-2024 kuya kuNdasa (March) wo-nyaka owedlu-le.
“Sizo-cela ukuba inka-ntolo iguqe, kuze kube umhla ka- 8 no-9 ku-Mbasa no-nyaka,” kusho uGcaba.
Kuzokhumbuleka ukuthi sekuyo-phela unyaka isigwebo salaba sibambezeleka njengoba balahlwa yicala ngoNdasa wonyaka owe-dlule.
Ukukhishwa kwesigwebo phakathi nonyaka owedlule kwa-phazanyiswa wukufakwa kwesicelo sokuba kuhoxe iMantshi eye-ngamele leli cala uMuntukayise Khumalo, eyayisolwa ngabameli babamangalelwa ngokuchema no-kusebenzisa uhlelo lobuchwephe-she i-Artificial Intellegence (AI) ngesikhathi ikhipha isinqumo.
Lokhu kwakuza ngemuva kokuba izibonelo zamacala eyazisebe-nzisa ngesikhathi ikhipha isinqumo, zingatholakalanga kwizigcinalwazi zomthetho, zakuleli.
UKhumalo wasichitha lesi sicelo, waveza ukuthi ukungatholakali kwazo kungaba yiphutha lendoda-na yakhe ayicela ukuba imbhalele ngomshini (type) isinqumo.
ngubo@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...