
KUZOCACA ngo-Mbasa (April) ngokugwetshwa kowayeyisikhulu sezokuxhumana sesiteshi samaphoyisa aseBhekithe-mba, eMlazi, uKhephu Ndlovu, kwelomukela intshontsho lika-R120 000, ukuze siphazamise ubufakazi kwelinye lamacala okubulala elalibhekene nesihlobo sakhe.
UKhephu ubevele eNkantolo yesiFunda sasePinetown ngoLwe-sibili, lapho obekulindeleke uku-ba agibele ebhokisini lofakazi, azincengele ukuba inkantolo imthambisele isigwebo, okugcine kungenzekanga ngenxa yokugula komunye wabamangalelwa kuleli cala.
UKhephu uboshwe noBonginkosi Dlamini, owayengukapteni wa-maphoyisa, uSibongile Ndlovu, oyinkosikazi kaFelokwakhe Ndlo-vu owayeyinduna yaKwaNdengezi, noLindokuhle Mbonambi, oyi-ndodana kaFelokwakhe.
Laba balahlwa yicala lokuzama ukuphazamisa ukusebenza kwe-ngalo yomthetho nelenkohlakalo, njengoba bazama ukuphazamisa ubufakazi ecaleni lokubulawa kwesishoshovu se-ANC KwaNde-ngezi uMnu Thulani Nxumalo, elalibhekene noFelokwakhe ngo-2018.
Ubufakazi obethulwa enkantolo buveza ukuthi ngesikhathi kubonakala ukuthi icala lokubulala uNxumalo liyamgojela uFelokwa-khe, wahlela nenkosikazi yakhe, uSibongile, ukuba kugwazelwe uKhephu noDlamini, okunguye owayephenya icala, ngo-R120 000, ukuze kuphazanyiswe ubufakazi.
Kuthiwa uSibongile wabe esebanika le mali esi-teshini samapho-yisa iDurban Central, pha-kathi ku-kaNcwaba (August) noMfu-mfu (Octo-ber) ka-2019. Kuthi-wa ngemuva kokukho-khwa kwa-le mali, ba-qala ukupha-zamisa ubufakazi.
Kuthiwa uDlamini wayalela ufakazi owayepha-mbili kuleli cala ukuba ahoxise isitatimende asenza, aphinde ahoxe ekubeni ngufakazi ukuze kuphephe impilo yakhe.
Ubufakazi baveza ukuthi uKhephu wasebenzisa amandla akhe njengoba wayenguLt-Col, ukuyalela abanye abaphenyi ukuba ba-ngazihlanganisi naleli cala.
NgoLwesibili uMshushisi u-Adv Lawrence Gcaba, utshele inkantolo ukuthi ngeke bakwazi ukuqhu-beka naleli cala.
“Ngaziswe namuhla ekuseni ukuthi ummangalelwa wesihlanu (uLindokuhle) ungeniswe esibhe-dlela. Phezu kwalokho, sisabheke-ne nenkinga yokuthola iminini-ngwane yezempilo (medical reco-rds) kammangalelwa wesine (uKhephu) ezikhulwini zejele.
“Sesize sahambisa incwadi ya-lapha enkantolo ukuba ziphoqwe ukuba ziyidedele. Sisalinde nama-rekhodi okwakwenzeka lapha enkantolo kusuka ngoNhlaba (May) ka-2024 kuya kuNdasa (March) wo-nyaka owedlu-le.
“Sizo-cela ukuba inka-ntolo iguqe, kuze kube umhla ka- 8 no-9 ku-Mbasa no-nyaka,” kusho uGcaba.
Kuzokhumbuleka ukuthi sekuyo-phela unyaka isigwebo salaba sibambezeleka njengoba balahlwa yicala ngoNdasa wonyaka owe-dlule.
Ukukhishwa kwesigwebo phakathi nonyaka owedlule kwa-phazanyiswa wukufakwa kwesicelo sokuba kuhoxe iMantshi eye-ngamele leli cala uMuntukayise Khumalo, eyayisolwa ngabameli babamangalelwa ngokuchema no-kusebenzisa uhlelo lobuchwephe-she i-Artificial Intellegence (AI) ngesikhathi ikhipha isinqumo.
Lokhu kwakuza ngemuva kokuba izibonelo zamacala eyazisebe-nzisa ngesikhathi ikhipha isinqumo, zingatholakalanga kwizigcinalwazi zomthetho, zakuleli.
UKhumalo wasichitha lesi sicelo, waveza ukuthi ukungatholakali kwazo kungaba yiphutha lendoda-na yakhe ayicela ukuba imbhalele ngomshini (type) isinqumo.
ngubo@ilanganews.co.za







