Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ISilo siwuhlabe inhlali ngezinkinga zaseNdlunkulu kaZulu

ISilo siwuhlabe inhlali ngezinkinga zaseNdlunkulu kaZulu

by | 24 January 2025

KASITHI vu iSilo uMisuzulu “iNdlulamithi” kaZwelithini ngezinkinga ezikhungethe isizwe nendlunkulu.

INdlulamithi ikhuluma esikhumbuzweni seminyaka ewu-146 yeMpi yaseSandlwana, eNquthu ngoLwesithathu, ithe isagonqile, iyoze iphume mhla ka-12 kuNhlolanja (February).

“Ngiyaxolisa kakhulu kinina bezindaba, ngiyazi benilindele ukuba ngikhulume ngezinto ezithinta isizwe, Ingonyama Trust nebhange Ithala.

“Ngisemgonqweni, ngiyoze ngiphume mase kwenziwe umcimbi wokushiswa kothi, mhla ka-12 kuNhlolanja. Izinto ezifana nalezi, ngizozikhuluma uma kuvulwa isishayamthetho eMgungundlovu, ngihlonipha lolu siko njengoba kwakwenza obaba mkhulu,” sisho.

Phakathi kwezinto ebezibhekwe ngabomvu ukuthi iSilo sikhule ngazo, wudaba lwesikhundla sikaNdunankulu kaZulu, umkhehlo nomgcagco waso noNdlunkulu uMaMyeni, Ingonyama Trust nokuhlalakazwa kwebhange Ithala.

Yize isikhumbuzo saseSandlwana besiphakathi nesonto, kodwa amabutho namalungu omphakathi bebephume ngobuningi, kukhona namalungu eRoyal Welsh Riment asuka e-England.

ISilo sithe isikhumbuzo salo nyaka sifana nse nesigameko sango-1879.

“Ngenxa yokuthi le mpi yalwiwa iSilo uCetshwayo sigonqile, nami ngiphume emgonqweni ngingakaqedi ngoba ngihlonipha nina,” sisho.

ISilo simeme amabutho ukuba aphelele esiGodlweni saseMachobeni kuyophothulwa uMkhosi wokweShwama ngokushiswa kothi.

UNdunankulu waKwaZuluNatal, uMnu Thami Ntuli, uthe ubunye, isibindi, inhlonipho okwaqhakanjiswa ngamaZulu ngesikhathi seSilo uCetshwayo, yikhona okwabeka isizwe ebalazweni lo mhlaba.

Unxuse amabutho ukuba abambisane nohulumeni awuholayo ekulweni nobugebengu nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane. Uncome indlela uhulumeni obambisane ngayo neSilo ngokukhumbula amagugu nomlando wesizwe.

Ezisematheni

Ubonga i-IFP esukumele phezulu olaxaze i-ANC

Ubonga i-IFP esukumele phezulu olaxaze i-ANC

OBEHAMBA phambili ekhankasela i-ANC, uChwaite Songca osejoyine i-IFP, uthi kuqala ngaleli qembu ukuthi kuxhaswe umcimbi wakhe iSouth Beach Young Stars Tornament ahlose ngayo ukusiza intsha ukuthi ingangeni ezidakamizweni. UChwaite ukusho lokhu njengoba...

Awepolitiki anxuswe ukugcizelela eyokhetho olunokuthula

Awepolitiki anxuswe ukugcizelela eyokhetho olunokuthula

UKUVUTHWA nokubekezelelana kwipolitiki uthe yikhona okuzodala uzinzo uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamnsanqa Ntuli ngesikhathi ehlangene namaqembu epolitiki ehlukene nabengamele ukhetho i-Independent Electoral Commission (IEC), e-Archie Gumede Conference Centre,...

Ungqongqoshe ukhathazekile ngeyodlame ezikoleni

Ungqongqoshe ukhathazekile ngeyodlame ezikoleni

UNGQONGQOSHE wezeMfundo, KwaZulu-NataL, uMnu Sipho Hlomuka, uthi imumi emphinjeni idaba yokuhlukunyezwa kwabafundi ezikoleni zesifundazwe. Isigameko sakamuva, senzeke esikoleni iBukimvelo High School, eZibayeni, eHluhluwe, esifundeni uMkhanyakude. Abafundi bakaGrade...