Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ISilo siwuhlabe inhlali ngezinkinga zaseNdlunkulu kaZulu

ISilo siwuhlabe inhlali ngezinkinga zaseNdlunkulu kaZulu

by | 24 January 2025

KASITHI vu iSilo uMisuzulu “iNdlulamithi” kaZwelithini ngezinkinga ezikhungethe isizwe nendlunkulu.

INdlulamithi ikhuluma esikhumbuzweni seminyaka ewu-146 yeMpi yaseSandlwana, eNquthu ngoLwesithathu, ithe isagonqile, iyoze iphume mhla ka-12 kuNhlolanja (February).

“Ngiyaxolisa kakhulu kinina bezindaba, ngiyazi benilindele ukuba ngikhulume ngezinto ezithinta isizwe, Ingonyama Trust nebhange Ithala.

“Ngisemgonqweni, ngiyoze ngiphume mase kwenziwe umcimbi wokushiswa kothi, mhla ka-12 kuNhlolanja. Izinto ezifana nalezi, ngizozikhuluma uma kuvulwa isishayamthetho eMgungundlovu, ngihlonipha lolu siko njengoba kwakwenza obaba mkhulu,” sisho.

Phakathi kwezinto ebezibhekwe ngabomvu ukuthi iSilo sikhule ngazo, wudaba lwesikhundla sikaNdunankulu kaZulu, umkhehlo nomgcagco waso noNdlunkulu uMaMyeni, Ingonyama Trust nokuhlalakazwa kwebhange Ithala.

Yize isikhumbuzo saseSandlwana besiphakathi nesonto, kodwa amabutho namalungu omphakathi bebephume ngobuningi, kukhona namalungu eRoyal Welsh Riment asuka e-England.

ISilo sithe isikhumbuzo salo nyaka sifana nse nesigameko sango-1879.

“Ngenxa yokuthi le mpi yalwiwa iSilo uCetshwayo sigonqile, nami ngiphume emgonqweni ngingakaqedi ngoba ngihlonipha nina,” sisho.

ISilo simeme amabutho ukuba aphelele esiGodlweni saseMachobeni kuyophothulwa uMkhosi wokweShwama ngokushiswa kothi.

UNdunankulu waKwaZuluNatal, uMnu Thami Ntuli, uthe ubunye, isibindi, inhlonipho okwaqhakanjiswa ngamaZulu ngesikhathi seSilo uCetshwayo, yikhona okwabeka isizwe ebalazweni lo mhlaba.

Unxuse amabutho ukuba abambisane nohulumeni awuholayo ekulweni nobugebengu nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane. Uncome indlela uhulumeni obambisane ngayo neSilo ngokukhumbula amagugu nomlando wesizwe.

Ezisematheni

Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaNdlozi kwipolitiki yaseMzansi

Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaNdlozi kwipolitiki yaseMzansi

UPHUMELE obala okokuqala ngemuva kwezinkulumo ezike zasabalala ngaye uDkt Mbuyiseni Ndlozi ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ze-SABC ngeSonto. UNdlozi udalule usethathe isinqumo sokuhoxa kwipolitiki yamaqembu kodwa usaqhubeka nokusebenzela umphakathi kodwa ngendlela...

Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

UMNDENI kaSosayensi waKwaNongoma, uNkz Senamile Masango, usubhalele uMongameli uMnu Cyril Ramaphosa incwadi ucela ukuba ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni wesigaba sesibili. Umndeni waKwaMasango uthi likhulu iqhaza elibanjwe yindodakazi yabo emkhakheni wezemfundo...

Amazwi enduduzo kudlula okewaba nguMengameli waseNamibia

Amazwi enduduzo kudlula okewaba nguMengameli waseNamibia

UCHAZWE njengom-Afrika obethanda izwe lakhe uDkt Sam Shafishuna Nujoma, owaba nguMengameli wokuqala wezwe laseNamibia ngemuva kwenkululeko yalo ngomhlaka 21 kuMarch wango 1990. Udlule emhlabeni esesibhedlela eWindhoek ngoMgqibelo ebusuku. Wakhethwa waba nguMengameli...