Ilanga News
Home 9 Featured 9 U-Eskom uxwayisa ngokubuya kwe-loadshedding

U-Eskom uxwayisa ngokubuya kwe-loadshedding

by | 31 January 2025

ISIKHULU esiphezulu se-Eskom uMnu Dan Marokane sixwayisa izakhamizi zase-Ningizimu Afrika ngamathuba okubuya kwe-loadshedding kule mpelasonto ngenxa yokuhluleka kweziphehlimandla ze-Eskom ezisezimteshini ezintathu.

Kuzokhumbuleka ukuthi skuyizinyanga ezingaphezu kweziwu-10 i-loadshedding yama, yize kwezinye izingxenye zezwe bekuqhubeka uhlelo lokucisha ugesi ngenhloso yokuvikela ama-transformer athwele imithwalo imikhulu ngenxa yokuxhunywa kukugesi okungekho emthethweni kuwo, i-load reduction.

“Lokhu kuzoba isikhashana, kuningi osekuthuthukisiwe kwiziphehli zethu. Kodwa kulezi zzinsuku eziwu-7 ezedlule sibenenkinga kwafa ezinye zazo (iziphehli) nosekuthathe isikhathi esithe xaxa ukuzilungisa.

Lokhu sekwenze sasebenzisa cishe wonke amandla ebesiwagcinele izimo eziphuthumayo, okungenza sifake isigaba sesi-4 se-loadshedding kulempelasonto,” esho.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...