Ilanga News
Home 9 Featured 9 U-Eskom uxwayisa ngokubuya kwe-loadshedding

U-Eskom uxwayisa ngokubuya kwe-loadshedding

by | 31 January 2025

ISIKHULU esiphezulu se-Eskom uMnu Dan Marokane sixwayisa izakhamizi zase-Ningizimu Afrika ngamathuba okubuya kwe-loadshedding kule mpelasonto ngenxa yokuhluleka kweziphehlimandla ze-Eskom ezisezimteshini ezintathu.

Kuzokhumbuleka ukuthi skuyizinyanga ezingaphezu kweziwu-10 i-loadshedding yama, yize kwezinye izingxenye zezwe bekuqhubeka uhlelo lokucisha ugesi ngenhloso yokuvikela ama-transformer athwele imithwalo imikhulu ngenxa yokuxhunywa kukugesi okungekho emthethweni kuwo, i-load reduction.

“Lokhu kuzoba isikhashana, kuningi osekuthuthukisiwe kwiziphehli zethu. Kodwa kulezi zzinsuku eziwu-7 ezedlule sibenenkinga kwafa ezinye zazo (iziphehli) nosekuthathe isikhathi esithe xaxa ukuzilungisa.

Lokhu sekwenze sasebenzisa cishe wonke amandla ebesiwagcinele izimo eziphuthumayo, okungenza sifake isigaba sesi-4 se-loadshedding kulempelasonto,” esho.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...