Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ukhala ezimathonsi ‘oqolwe yinyanga’ izinkomo ezintathu

Ukhala ezimathonsi ‘oqolwe yinyanga’ izinkomo ezintathu

by | 4 March 2025

One white and black Nguni is in the foreground with three in the background, as well as South African kameeldoring trees

UYABALISA owesilisa waseMkhonjeni, eJozini, othi “uqolwe” izinkomo ezintathu nezimbuzi ezintathu yinyanga yaseJozini.

UMnu Muzi Ximba usola inyanga (ayigagule ngegama) ngokumqola imfuyo ngemuva kokuthi ifike emzini wakhe iyokwelapha inkosikazi yakhe egulayo. Ngokusho kukaXimba, inkosikazi yakhe idlule emhlabeni ngemuva kwezinsuku ezintathu kufike le nyanga.

“Unkosikazi wagula ngoNtulikazi (July) wonyaka ophelile. Ubesengumuntu ophuma engena ezibhedlela. Izingane zami zangixhumanisa nenyanga ngoMfumfu (October), savumelana ngokuthi ifike kwami, izomelapha.

“Yangitshela ukuthi ukuzoqala ukwelapha kuzoba wu-R29 000, ngeke ifike ekhaya uma ngingakayikhokheli. Ngenxa yokungabi nayo leyo mali, savumelana ngokuthi ngiyinike izinkomo ezimbili ezihambisana nezimbuzi ezimbili.

“Ngathi uma ngithi ngizokhokha ngemuva kokwenza umsebenzi, yathi umsamo wayo ngeke usebenze uma ngingakhokhile,” esho.

UXimba uthi ngesikhathi eyikhokhela inyanga, inkosikazi yakhe yayisinesikhathi ihleli esibhedlela, okwathi uma eyibuza ukuthi uzomelapha kanjani umuntu ogulayo engekho, yamtshela ukuthi izoqala endumbeni yayo, izimpendulo zizobuya kuyo (indumba).

“Yagcina ifikile ekhaya, yathi ibona isilwane, ngaphambi kokucela ukuyomba esibayeni. Ngangiqaphe ngelokhozi ukuthi kuzokwenzekani ngaphambi kokuthi ingithume ukuyoyithathela umuthi wayo endlini.

“Sengibuye nawo, yaqhwanda inhlabathi eyayiphume lapho eyayimba khona, yakhipha ibhodlela elincane kuyona, engingazi noma yayifike nalo yini. Yathi ngokukhipha lelo bhodlela kumele ngiyikhokhele enye inkomo nembuzi.

“Yashiya eminye imithi yayalela ukuba izingane zami ziyogcoba ngayo unina esibhedlela, kodwa washona ngemuva kwezinsuku ezintathu kwenzeke lokho,” esho.

UXimba uthi wathumela umyalezo enyangeni ukuthi inkosikazi yakhe isishonile, wacela ukuba bahlangabezane, ibuyise inkokhelo yakhe noma ingxenye yayo. Uthi le nyanga yenqaba, kwaze kwaphoqa ukuthi udaba luyolalelwa esigcawini senkosi yesizwe ngasekuqaleni kwenyanga eyedlule.

Uthi naso sakhipha isinqumo esingamgculisi. “Induna yesizwe yayalela inyanga ukuba ibuyise inkomo eyodwa kulokhu engakukhokha, kodwa ayikabuyi namanje. Ngithe uma ngibike nga ukuba ibuyise inkomo eyodwa kulokhu engakukhokha, kodwa ayikabuyi namanje. Ngithe uma ngibikela induna, yathi mangilinde izinyanga ezintathu, uma inyanga ingayibuyisi emuva kwazo, izothathelwa izinyathelo.

“Ngiyafisa ukuthola ubulungiswa ngikhokheleke ngoba ngakhokha, kodwa kalukho usizo engaluthola,” kuphetha uXimba.

ILANGA likhulume nayo inyanga (esiligodlile igama layo ngezizathu zomthetho) yasola uXimba ngokuzama ukungcolisa igama layo. Ithi ngesikhathi beyibiza kwaXimba, bamtshela ukuthi odokotela base bewutshelile umndeni ukuthi umama wekhaya ngeke asinde.

Ithi yayinethemba lokuthi uXimba uzofika kuyo baxoxisane ngemuva komngcwabo womkakhe.

Ithe iminyango yayo isavuliwe ukuthi uXimba eze kuyona bazoxoxisana.

“Ngaya khona ngawenza wonke umsebenzi, ngabe sengifuna inkokhelo yami. Kuliqiniso ukuthi kwathiwa mangibuyise inkomo eyodwa, ngisalindile ukuthi bafike bazokhomba noma yiyiphi abayifunayo ngoba lezi abakhokha ngazo, zazincane kakhulu.

“Kanginankinga nokuyibuyisa yize umkakhe ebesehambe izinyanga nodokotela abaningi, okungakaze kushiwo ukuthi mababuyise imali nezinkomo abamelaphe ngakho,” kusho inyanga.

Ithi nakuba ingenankinga nokukhokha, kodwa lolu daba isilubikile nakubammeli bayo.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...