Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu Featured 9 Isiphakamiso ngeFact Durban Rocks

Isiphakamiso ngeFact Durban Rocks

by | 14 January 2026

YENZE isiphakamiso sokuhlonipha uDJ Tira inhlangano engayenzi inzuzo eholwa ngusomabhizinisi uMnu Teddy Nyathi ebizwa ngokuthi Inyathi Foundation kulandela ukuvela kwezindaba zokuphela ngomcimbi wakhe wokuhlukanisa unyaka obizwa ngeFact Durban Rocks.

Ngonyaka odlule uTira – ogama lakhe langempela nguMthokozisi Khathi – umemezele ukuthi kuyaphela ngalo mcimbi osube khona iminyaka engaphezulu kwewu-14.

Esitatimendeni asikhipha emphakathini, wathi umcimbi wokungena ku-2026 kuzokube kungowokugcina wenzeka kanti onesifiso sokuqhubeka nawo umnika igunya lokuthenga igama, aqhubeke nawo.

Kulesi sitatimende uTira wakubeka kwacaca ukuthi uzivulile izandla kunoma ngubani ongaba nentshisekelo yokuqhubeka nalo mcimbi onedumela, owenzeka kabili ngonyaka njengoba uphinde ubanjwe nangempelasonto yeHollywoodbets Durban July.

ILANGA lithole izindaba zokuthi Inyathi Foundation isiphumele obala yaphakamisa ukuqhubeka nalo mcimbi unyaka owodwa ngenhloso yokuhlonipha iqhaza lalo DJ emculweni.

UNyathi – ongusomabhizinisi odume nangokusiza amaciko ngezindlela ezahlukene – uthi uzimisele ukuwuthatha unyaka owodwa lo mcimbi njengoba kusalindwe ozowuthatha ngokugcwele.

Uthe ufisa ukuthi kulo mcimbi kubungazwe lo DJ ngawo, aphinde anikwe izimbali zakhe esaphila, ukuzinuka.

UNyathi ngokubambisana namaphoyisa aseNewcastle wabusisa uNkk Sikhakhane ngomuzi omkhulu onamagumbi okulala, ikhishi nendlu yokuphumula abakwedlulisela kuyena ngenyanga edlule uZibandlela (December).

UTira uveze ukuthi kakukho angakusho ngalesi siphakamiso sale nhlangano njengoba izandla zisavuliwe kunoma ngubani ozimisele ukuthatha lo mcimbi aqhubeke nawo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...