Ilanga News
Home 9 Featured 9 UShansela weSilo uxwayisa izinkampani ezihweba KwaZulu Natal

UShansela weSilo uxwayisa izinkampani ezihweba KwaZulu Natal

by | 29 April 2026

USHANSEA weSilo uMalusi Zondi usekhiphe isexwayiso kwizinkampani ezizinze nezihweba KwaZulu Natal ngokuthi ngeke azivumele zizenzele umathanda ngokungazihloniphi izisebenzi nabantu bakulesi sifundazwe.

UShansela uZondi ukubeke kwacaca ukuthi njengoba esekhona kulesi sikhundla ngikuqokwa iSilo uMisuzulu kaZwelithini uzokwenza isiqiniseko ukuthi lezi zinkampani azijahi imali ngokucindezela izisebenzi.

Uthe kumele ziqale ziphaphame manje njengoba sekukhona yena futhi ufuna uma eqhamuka zitatazele ngoba akazile ukuzodlala kodwa uzokwenza akujutshwe iNdlulamithi.

“Ngifuna bahloniphe ukuthi abantu baKwaZulu Natal abasebenzi. Ngifuna bakuqonde ukuthi kade behweba bezenzela umathanda futhi bezenzela imali kodwa bengazihloniphi izisebenzi zazo.

Kublulekile ukuthi zenze imali kodwa ngeke sizivumele ukuthi zibeke imali phambili kunokuhlonipha izisebenzi zazo. Inhlonipho KwaZulu iyaqhakanjiswa ngaso sonke isikhathi,” kusho uShansela uZondi.

Uthe kuwungahloniphi ukuthi kube khona izimpunyela ezithatha izinkampani esezineminyaka zisebenza bese zizitamuzela izizumbulu zemali kodwa zingazicabangeli izisebenzi.

Uthe njengoba sebengenelile kwinkampani yakwaTongaat Hulett zikhona futhi nezinye izinkampani abasazozihambela ukuqinisekisa ukuthi ziyawuhlonipha umthetho kanjalo nezisebenzi zakhe.

Uthe uzokwenza isiqiniseko ukuthi izinkampani zenza okufanele futhi okuhambisana nomthetho wakuleli.

Uqhube ngokuthi uzokwenza isiqiniseko sokuthi izinhlelo zokuthuthukisa abantu abasha kulezi zinkampani ziyenzeka futhi bayathuthuka ngazo.

“Kanjalo nakuhulumeni sizokwenza okufanele ukuxoxisana neminyango enezinhlelo zabantu abasha ukuthi abalahleki emnothweni wezwe,” kusho yena.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...