Ilanga News
Home 9 Featured 9 UShansela weSilo uxwayisa izinkampani ezihweba KwaZulu Natal

UShansela weSilo uxwayisa izinkampani ezihweba KwaZulu Natal

by | 29 April 2026

USHANSEA weSilo uMalusi Zondi usekhiphe isexwayiso kwizinkampani ezizinze nezihweba KwaZulu Natal ngokuthi ngeke azivumele zizenzele umathanda ngokungazihloniphi izisebenzi nabantu bakulesi sifundazwe.

UShansela uZondi ukubeke kwacaca ukuthi njengoba esekhona kulesi sikhundla ngikuqokwa iSilo uMisuzulu kaZwelithini uzokwenza isiqiniseko ukuthi lezi zinkampani azijahi imali ngokucindezela izisebenzi.

Uthe kumele ziqale ziphaphame manje njengoba sekukhona yena futhi ufuna uma eqhamuka zitatazele ngoba akazile ukuzodlala kodwa uzokwenza akujutshwe iNdlulamithi.

“Ngifuna bahloniphe ukuthi abantu baKwaZulu Natal abasebenzi. Ngifuna bakuqonde ukuthi kade behweba bezenzela umathanda futhi bezenzela imali kodwa bengazihloniphi izisebenzi zazo.

Kublulekile ukuthi zenze imali kodwa ngeke sizivumele ukuthi zibeke imali phambili kunokuhlonipha izisebenzi zazo. Inhlonipho KwaZulu iyaqhakanjiswa ngaso sonke isikhathi,” kusho uShansela uZondi.

Uthe kuwungahloniphi ukuthi kube khona izimpunyela ezithatha izinkampani esezineminyaka zisebenza bese zizitamuzela izizumbulu zemali kodwa zingazicabangeli izisebenzi.

Uthe njengoba sebengenelile kwinkampani yakwaTongaat Hulett zikhona futhi nezinye izinkampani abasazozihambela ukuqinisekisa ukuthi ziyawuhlonipha umthetho kanjalo nezisebenzi zakhe.

Uthe uzokwenza isiqiniseko ukuthi izinkampani zenza okufanele futhi okuhambisana nomthetho wakuleli.

Uqhube ngokuthi uzokwenza isiqiniseko sokuthi izinhlelo zokuthuthukisa abantu abasha kulezi zinkampani ziyenzeka futhi bayathuthuka ngazo.

“Kanjalo nakuhulumeni sizokwenza okufanele ukuxoxisana neminyango enezinhlelo zabantu abasha ukuthi abalahleki emnothweni wezwe,” kusho yena.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...