Ilanga News
Home 9 Featured 9 Isishiyamthetho sisukumela ukushoda kwamanzi eThekwini

Isishiyamthetho sisukumela ukushoda kwamanzi eThekwini

by | 11 March 2025

IKOMIDI elibhekele ukusebenza koMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezindaba zoMdabu, KwaZulu-Natal, slinxusa umphakathi ukuba uze nemibono ngodaba lokwentuleka kwamanzi esifundeni saseThekwini. USihlalo waleli komidi esiShayamthetho, uMarlaine Nair, uthi ukushoda kwamanzi eThekwini, kuzoba nomthelela omubi emnothweni wesifundazwe, kuholele nasekulahlekeni kwemisebenzi.


“ITheku yilona dolobha elikhulu kulesi sifundazwe, umnotho waseKZN, uncike kulona. Siyikomidi ngeke silalele uhulumeni kuphela, kufanele sizwe nokuphawula komphakathi. Yingakho sizoba nezithangami zokulalela ukuze kutholakale izixazululo,” esho.


Iqembu iDemocratic Alliance (DA) ngenyanga edlule libe nemashi ebheke eCity Hall, likhononda ngesimo sokwentuleka kwamanzi eThekwini. UMengameli uCyril Ramaphosa, naye wajuba iSpecial Investigation Unit (SIU), ukuthi iphenye ngemikhonyovu ohlelweni lokulethela imiphakathi amanzi, eThekwini.


UMasipala weTheku, ukhala ngokuthi ingqalasizinda, okungamapayipi aletha amanzi emiphakathini, ayisekho esimweni esihle. Ikomidi linxusa umphakathi waseThekwini ukuthi uthumele imibono yawo ku: mthembuv@kzn.leg.gov.za ungakashayi umhlaka 2 kuMbasa (April), uphawule ngabangaba yisixazululo, kule nkinga yamanzi.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...