Ilanga News
Home 9 Featured 9 Isishiyamthetho sisukumela ukushoda kwamanzi eThekwini

Isishiyamthetho sisukumela ukushoda kwamanzi eThekwini

by | 11 March 2025

IKOMIDI elibhekele ukusebenza koMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezindaba zoMdabu, KwaZulu-Natal, slinxusa umphakathi ukuba uze nemibono ngodaba lokwentuleka kwamanzi esifundeni saseThekwini. USihlalo waleli komidi esiShayamthetho, uMarlaine Nair, uthi ukushoda kwamanzi eThekwini, kuzoba nomthelela omubi emnothweni wesifundazwe, kuholele nasekulahlekeni kwemisebenzi.


“ITheku yilona dolobha elikhulu kulesi sifundazwe, umnotho waseKZN, uncike kulona. Siyikomidi ngeke silalele uhulumeni kuphela, kufanele sizwe nokuphawula komphakathi. Yingakho sizoba nezithangami zokulalela ukuze kutholakale izixazululo,” esho.


Iqembu iDemocratic Alliance (DA) ngenyanga edlule libe nemashi ebheke eCity Hall, likhononda ngesimo sokwentuleka kwamanzi eThekwini. UMengameli uCyril Ramaphosa, naye wajuba iSpecial Investigation Unit (SIU), ukuthi iphenye ngemikhonyovu ohlelweni lokulethela imiphakathi amanzi, eThekwini.


UMasipala weTheku, ukhala ngokuthi ingqalasizinda, okungamapayipi aletha amanzi emiphakathini, ayisekho esimweni esihle. Ikomidi linxusa umphakathi waseThekwini ukuthi uthumele imibono yawo ku: mthembuv@kzn.leg.gov.za ungakashayi umhlaka 2 kuMbasa (April), uphawule ngabangaba yisixazululo, kule nkinga yamanzi.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...