Ilanga News
Home 9 Featured 9 Usazobhadla ejele uSayitsheni Fannie Nkosi

Usazobhadla ejele uSayitsheni Fannie Nkosi

by | 7 April 2026

UZOBUYELA enkantolo ngoMsombuluko mhla ka-13 kwephezulu ukuzofaka isicelo sebheyili uSayitsheni Fannie Nkosi obevele enkantolo yasePretoria North kulandela ukuboshwa kwakhe ngoLwesihlanu.

UNkosi uvele kafushane kule nkantolo ngaphambi kokuthi lihlehliselwe isonto elizayo lapho kulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili.

Umbuso ukuvumelile ukuthi kuhlehliswe ukufakwa kwesicelo sebheyili ngenhloso yokuqoqa obunye ubufakazi.

UNkosi ubhekene namacala ahlukene okubalwa kuwo awokweba, ukuphazamisa ukusebenza komthetho, ukutholakala nezinhlambu ngokungemthetho nebhomu (hand grenade).


Uboshwe ngoLwesihlanu ngemuva kokuba amaphoyisa egasele emzini wakhe osePretoria athola namadokodo phakathi kwezinye zezinto ezitholakale emzini wakhe.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Athlenda Mathe uthe ngesikhathi amaphoyisa egasela emzini kaNkosi ePretoria aphinde amfica ephule nemigomo yokugcinwa kwezibhamu njengoba bekukhonq ebezibekiwe ngendlela engahambisano nomthetho.

UNkosi oyilungu lophiko lwe-Gauteng Organised Crime wethule ubufakazi kwikhomishana kaMadlanga lapho kuvele khona amanyundululu ngokusebenza kwakhe kulolu phiko nanobudlelwano bakhe nabanye abasolwa ngokuba yimigulukudu yezigebengu.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...