Ilanga News
Home 9 Featured 9 Usazobhadla ejele uSayitsheni Fannie Nkosi

Usazobhadla ejele uSayitsheni Fannie Nkosi

by | 7 April 2026

UZOBUYELA enkantolo ngoMsombuluko mhla ka-13 kwephezulu ukuzofaka isicelo sebheyili uSayitsheni Fannie Nkosi obevele enkantolo yasePretoria North kulandela ukuboshwa kwakhe ngoLwesihlanu.

UNkosi uvele kafushane kule nkantolo ngaphambi kokuthi lihlehliselwe isonto elizayo lapho kulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili.

Umbuso ukuvumelile ukuthi kuhlehliswe ukufakwa kwesicelo sebheyili ngenhloso yokuqoqa obunye ubufakazi.

UNkosi ubhekene namacala ahlukene okubalwa kuwo awokweba, ukuphazamisa ukusebenza komthetho, ukutholakala nezinhlambu ngokungemthetho nebhomu (hand grenade).


Uboshwe ngoLwesihlanu ngemuva kokuba amaphoyisa egasele emzini wakhe osePretoria athola namadokodo phakathi kwezinye zezinto ezitholakale emzini wakhe.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Athlenda Mathe uthe ngesikhathi amaphoyisa egasela emzini kaNkosi ePretoria aphinde amfica ephule nemigomo yokugcinwa kwezibhamu njengoba bekukhonq ebezibekiwe ngendlela engahambisano nomthetho.

UNkosi oyilungu lophiko lwe-Gauteng Organised Crime wethule ubufakazi kwikhomishana kaMadlanga lapho kuvele khona amanyundululu ngokusebenza kwakhe kulolu phiko nanobudlelwano bakhe nabanye abasolwa ngokuba yimigulukudu yezigebengu.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...