Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Isiyawathungisa amabhulukwe ewagqokayo iKing of Squats

Isiyawathungisa amabhulukwe ewagqokayo iKing of Squats

by | 5 August 2026

USEPHOQELEKA ukuthungisa amabhulukwe awagqokayo ngenxa yokuthi akukho lapho ehamba khona abantu bangamceli ukwenza ama-video naye evoshoka, uNkululeko Zane Dlamini (osesithombeni), osedume ngokuthi yiKing of Squats.

UDlamini uphenduke undabuzekwayo ngendlela yokwakheka komzimba wakhe, njengoba enconywa ngokujimisa isingezansi, okubalwa nezinqe imbala. ILANGA libe nengxoxo noDlamini odabuka eZakheni, eMnambithi, lapho edalule ukuthi ukhule ezifela ngokudlala ibhola likanobhutshuzwayo.

“Ngemuva kokuphothula izifundo zami zobuthishela, ngithole ithuba lokusayina neqembu iJomo Cosmos, ebelidlala kwi-PSL ngo-2009. Ngenxa yokuthi bengingalitholi ijezi, ngibe sengisayinwa yiqembu laseSwazini, okuyilapho engifike ngakwazi ukuthola ijezi, ngadlala, ngaba yisilomo ngempela khona,” kusho uDlamini.

Uphenduke isilomo esedlala eSwazini

Uthe ukudlala kwakhe kahle eSwazini, kuphoqe ukuba iJomo Cosmos imbuyise, kodwa ngeshwa kwamphinda okwakumhambisile, walilambela futhi ijezi. Uthi yilapho ebone kungcono ukuba afundele ukujimisa abantu.

“Ngiqale ngakufundela ukujimisa abantu ngenxa yokuthi bengingumdlali webhola, bengifuna ukugxila ekujimiseni isingezansi, okuyilapho ukujimisa kwami kumane kwagxila khona,” esho.

Uthe nakuba ebenomzimba owakheke kahle, kodwa ukujima nokugxila kuma-squat, yikhona okuwakhe ngale ndlela osubukeka ngayo njengamanje.

Uyibiza ngoMgogodla weStimela indlela ajimisa ngayo

Uchaze indlela ajimisa ngayo njengeyehlukile kwabanye ozakwabo abenza okufanayo.

“Mina nginendlela yami engiyibiza ngoMgogodla weStimela (Core-Train), okuyiyona engigabe ngayo, futhi ethandwa kakhulu,” esho.

Uthe isizathu sokuthi kube ngabesifazane abazifela ngendlela ajimisa ngayo, wukuthi bayazifela ngokwakha izinqe ezibumbekile.

“Wonke umuntu ukhombisa ukuyithakasela indlela engijimisa ngayo, kodwa ngabesifazane abaningi, abahambela ijimu yami esenkabeni yedolobha ku-368 Marshal Street, eGoli,” esho.

Uthi endaweni yakhe ujimisa ngoMsombuluko, uLwesithathu noLwesihlanu. Kwezinye izinsuku uyamenywa ezindaweni ezahlukene zakuleli, nakwamanye amazwe.

Usehambele amazwe ahlukene ase-Afrika

Uthe useyigudle cishe yonke iNingizimu Afrika, emenywa ngabantu ukuyobajimisa ngale ndlela yakhe, nase-Afrika ambalwa amazwe angakawahambeli. UDlamini uthi udumo lwakhe selumenza angabe esakwazi ukugqoka noma yikanjani, ngenxa yokuthi yonke indawo lapho ehamba khona, abantu bacela ukushutha naye, kuthi usenjalo, bamcele nama-video eshona evumbuka, okuyindlela adume ngokujimisa ngayo.

“Amabhulukwe sengiyaphoqeleka ukuthi ngiwathungise ngendlela ezongikhulula, ngoba sekungicacele ukuthi ngiphilela khona ukujima. Noma ngizihambela nomndeni wami, abantu baze bacele kuwona ukushutha nami noma ukwenza ama-video nami,” kusho uDlamini ongathandanga ukuphawula ngophathina noma ngomama wakwakhe.

Uyichithile intatheli ngesikhathi ibuza ngomama wakwakhe, wacela ukuba kungakhulunywa ngalolo hlangothi lwempilo yakhe.

“Impilo yami ihlanganisa ukujima nokuya esontweni, njengoba ngizalwe kabusha enkolweni yobuKhristu, ngaphansi kwebandla iFaith Mission,” esho.

Uzigqaja ngokuqhakambisa umculo kamaskandi

Uzishaya isifuba ngokukhulisa umculo kamaskandi, ikakhulukazi kulabo abajimayo, njengoba kuwona wonke ama-video akhe asuke ejimisa ngawo, usuke eqhakambisa lo mculo.
“Abantu bakhombisa ukuwuthakasela umculo kamaskandi ngemuva kokuba ngiqale ukubonakala ngijimisa ngawo. Kuyangijabulisa ukuqhambisa umculo wethu wesintu uma sijimisa, phambilini abantu bebeqhakambisa umculo waphesheya emajimini,” esho.

Uthe okubuye kumkhathaze, wukuthi akakwazi ukusebenzisa izingoma zabanye abaculi ngenxa yomgomo wezinkundla zokuxhumana namalungelo.

“Lokhu kwenza singakwazi ukuqhakambisa ezinye izingoma esizithandayo ngenxa yalokhu,” kusho uDlamini.
Uthe ngaphandle kokutholakala emicimbini eyahlukene, abantu bangakwazi ukubona izindlela ajimisa ngazo kwi-YouTube, ngaphansi kwekhasi i-AerofitSA.

“Abantu bangawabona ama-video ethu, kanjalo nasezinkundleni zokuxhumana siyatholakala ngaphansi kwegamaelithi, Nyawolomshini,” ephetha.

Ezisematheni

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...