Ilanga News
Home 9 Featured 9 UButhelezi uthi usazolinda iSilo ngokuhoxiswa kwakhe esikhundleni

UButhelezi uthi usazolinda iSilo ngokuhoxiswa kwakhe esikhundleni

by | 28 December 2024

ObenguNdunkulu kaZulu uMfu Thulasizwe Buthelezi usephumele obala kulandela imibiko yokuhoxisa kwakhe kulesi sikhundla esimqoka esihlanganisa iNdlunkulu nesizwe samaZulu.

Esitatimendeni uMfu Buthelezi asikhiphile uveze ukuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini besingakamazisi ngesinqumo saso somhoxisa kulesi sikhundla.

Uthe uqale ukubona ngokuhoxisa kwakhe ezinkundleni zokuxhumana ngencwadi ebisabalele ebingasayiniwe.

Uqhube ngikuthi ngokuhamba kwesikhathi ube esethola i-whatsapp eqhamuka kuMntwana uSimphiwe wakwaMinya nencwadi athe ibibhalelwe amakhosi yabe isisayinwa uyena (uMntwana uSimphiwe).

UMfu Buthelezi uthe kuyamangaza ukuthi umyalezo omqoka kangaka ungathunyelelwa amakhosi ngendlela enganasithunzi kanje. Uqhube ngokuthi usazolinda iSilo simazise ngokusemthethweni ukuthi siyamhoxisa.

UMfu Buthelezi uveze ukuthi kulezi zinyanga eziwu-11 eqhoqhobele lesi sikhundla usebenzele iSilo nesizwe samaZulu ngokuzikhandla nangokuthembeka.

Uthe akukho nakanye lapho iSilo sike sazwakalisa ukungenami noma ukungahambisani nokusebenza kwakhe noma izitatimende abezikhipha emphakathini.

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...