Ilanga News
Home 9 Featured 9 UButhelezi uthi usazolinda iSilo ngokuhoxiswa kwakhe esikhundleni

UButhelezi uthi usazolinda iSilo ngokuhoxiswa kwakhe esikhundleni

by | 28 December 2024

ObenguNdunkulu kaZulu uMfu Thulasizwe Buthelezi usephumele obala kulandela imibiko yokuhoxisa kwakhe kulesi sikhundla esimqoka esihlanganisa iNdlunkulu nesizwe samaZulu.

Esitatimendeni uMfu Buthelezi asikhiphile uveze ukuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini besingakamazisi ngesinqumo saso somhoxisa kulesi sikhundla.

Uthe uqale ukubona ngokuhoxisa kwakhe ezinkundleni zokuxhumana ngencwadi ebisabalele ebingasayiniwe.

Uqhube ngikuthi ngokuhamba kwesikhathi ube esethola i-whatsapp eqhamuka kuMntwana uSimphiwe wakwaMinya nencwadi athe ibibhalelwe amakhosi yabe isisayinwa uyena (uMntwana uSimphiwe).

UMfu Buthelezi uthe kuyamangaza ukuthi umyalezo omqoka kangaka ungathunyelelwa amakhosi ngendlela enganasithunzi kanje. Uqhube ngokuthi usazolinda iSilo simazise ngokusemthethweni ukuthi siyamhoxisa.

UMfu Buthelezi uveze ukuthi kulezi zinyanga eziwu-11 eqhoqhobele lesi sikhundla usebenzele iSilo nesizwe samaZulu ngokuzikhandla nangokuthembeka.

Uthe akukho nakanye lapho iSilo sike sazwakalisa ukungenami noma ukungahambisani nokusebenza kwakhe noma izitatimende abezikhipha emphakathini.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...