
ZINYAKAZISE uNgqongqoshe weMfundo eyiSisekelo kuzwelonke uNkz Siviwe Gwarube, izinkinga zemali ezikhungethe lo mnyango KwaZulu-Natal.
Ungqongqoshe ubize umhlangano nezikhulu zikahulumeni wakulesi sifundazwe, ukuyodingida kabanzi ngalezi zingqinamba.
UNkz Gwarube uzohambela lesi sifundazwe namuhla, ngoMsombuluko, lapho ezohlangana khona noNdunankulu wesifundazwe uMnu Thami Ntuli, nguNgqongqoshe wezeMfundo, uMnu Sipho Hlomuka, nguNgqongqoshe weMali, uMnu Francois Rodgers nezinye izikhulu zomnyango ezingeni likahulumeni kazwelonke nowesifundazwe.
Isitatimende salo mnyango sithi: “Kulo mhlangano kuzobe kudingidwa indaba enkulu ethinta izinkinga zemali emnyangweni kulesi sifundazwe. Kuzokwenziwa neziphakamiso ezingaba yisisombululo kule nkinga.”
UNkz Gwarube uza kulesi sifu-ndazwe nje, izinkinga zalo mnyango bezilokhu zisematheni kusukela kuqale unyaka. Phakathi kwazo, kubalwa nesuse umsindo ngezicelo ezifakwe ngosonkontileka kwithenda yokuhambisa uku-dla ezikoleni.
Umsindo wasuka ngemuva kokuphuma kohla lweziphakamiso lwezinkampani ebezisemathubeni okuthola le thenda, njengoba kwagcina kuvele ukuthi ezinye izikhulu zomnyango, yizisebenzi zikahulumeni nosopolitiki abaqavile, baphakanyisiwe ekutholeni le the-nda.
Ukungaphathwa ngendlela kwemali kulo mnyango kuvezwe nguNgqongqoshe weMali, uRodgers ngenyanga eyedlule, ngesikhathi ememezela ukuthi usewufaka (umnyango) ngaphansi kweso elibukhali.
Uveze ukuthi ukuxhashazwa kwemali kulo mnyango yikho okuholele ekuthatheni kwakhe lesi sinqumo. Uchazile ukuthi lokhu kusho ukuthi umnyango ngeke usakwazi ukusebenzisa imali ngale kokuthi udlule kuye, ubeke izizathu zokubaluleka kwalokhu okusuke kudinga imali ngaleso sikhathi.







