Ilanga News
Home 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho Featured 9 Kukhuthazwe abaphekela izingane zesikole ngokudla okunomsoco

Kukhuthazwe abaphekela izingane zesikole ngokudla okunomsoco

by | 12 August 2025

KUQEQESHWE kwaphinde kwakhuthazwa abaphekela izingane ezikoleni ngokubaluleka kokupheka ukudla okunomsoco futhi okunazo zonke izithako ezakha umzimba emcimbini osesikoleni samabanga aphakeme Eshowe Hish School Eshowe ngoLwesibili.

Lolu qeqesho beliholwa yinkampani i-Uniliver ngokubambisana nabakwaKnorrox lapho bekunezikhulumi ezingongoti kwezokudla nokupheka. Kulo mcimbi abapheki abaphekela izikole ezahlukene Eshowe namaphethelo bathole ithuba lokuthi bafunde ngokubaluleka kokuphekela izingane ukudla okunomsoco okunezakhamzimba.

UNkz Silindile Mbele oyi-Dietitian and Health Assistant Manager kwa-Uniliver ucathulise abapheki ngokumqoka bokuqinisekisa ukuthi ukudla abakuphekela izingane kunezakhamzimba ukuze izingane zikwazi ukuba nomdlandla wokufunda nokuzimbandakanya nezemidlalo.

“Okwami kube wukukhuluma namavolontiya aphekela izingane ngemigomo yokupheka ehambisana neyabekwa uMnyango wezeMpilo wokuthi kumele kudliwe kanjani ukudla okunomsoco,” kusho uNkz Mbhele.

Umpheki osemnkantshubomvu uSifiso Gwala yena ukhulume ngokubaluleka kokupheka ukudla okuhehayo futhi okumnandi ukuze izingane zikwazi ukukudla ngaphandle kokwexwaya.

“Kuyinto ejwayelekile ukuthi izingane azithandi ukudla izitshalo nami angazi ukuthi lokhu kudalwa yini. Kodwa kunendlela abaphekela izingane okumele bayenze ukuze zona lezi zitshalo zizidle futhi zibe mnandi,” kusho uGwala.

Uthe ukudla kwasezikoleni kudlala indima emqoka ezinganeni njengoba ezinye ikhona kudla ezinakho usuku lonke.

“Njengoba ezinye ziqhamuka emindeni engathathi entweni,” esho.

Uthe kumqoka ukuthi abaphekela izingane bangapheki sengathi bagcina icala kodwa bazinikele futhi bapheke ngendlela esezingeni eliphezulu kusukela kwindlela ukudla okubukeka ngaye nangephunga lakho ukudla kumele kuhehe ngaphambi kokuthi kuze kufinyelele ekunambitheni.

UMnu Simon Zulu ongomunye wabaphekela izingane kwesinye sezikole Eshowe uthe nakuba esenemnyaka engumpheki njengoba aqala esebenza ezitolo zokudlela kodwa uthe uyalwamukela ulwazi aluthole ngalolu hlelo futhi luzomsiza kuya phambili.

Uthe uyabonga ngalolu hlelo ngoba lumqoka ukuqinisekisa ukuthi izingani azigcini nje ngokudla noma yini kodwa zidla ukudla okunempilo okuzozivula umqondo ziphumelele ezifundweni zazo.

Lolu hlelo beliqala Eshowe kanti kulindeleke ukuthi luhambele izindawo ezahlukene eNingizimu Afrika njengoba ngoLwesine bazobe beseHamanskraal nakwezinye izindawo abasazozimemezela.

Ezisematheni

I-FNB iqinisekisa ukuphepha kwabezitokofela

I-FNB iqinisekisa ukuphepha kwabezitokofela

LIHLOSE ukuqinisa ezokuphepha nokuthuthukisa umnotho ezinhla-nganweni zezitokofela, ngohlelo lwalo olusha lwezobuchwepheshe, lokudlala izitokofela ibhange lakwaFNB.Lokhu kuvele ngoLwesithathu ngesikhathi leli bhange liyokwe-thula ngokusemthethweni lolu hlelo...

Kuphela iminyaka ewu-36 kwakhululwa uDkt Nelson Mandela

Kuphela iminyaka ewu-36 kwakhululwa uDkt Nelson Mandela

KWAKUYISONTO ngomhlaka 11 kuNhlolanja (February) wango 1990, ngesikhathi uDkt Nelson Mandela, ekhululwa ejele laseVictor Vester, eWestern Cape. Umhlaba wonke wawuchwaza, abantu bethe njo komabonakude, bengakholwa ababekubona ngamehlo abo. Kwasekuphela iminyaka ewu-27,...