Ilanga News
Home 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho Featured 9 Kukhuthazwe abaphekela izingane zesikole ngokudla okunomsoco

Kukhuthazwe abaphekela izingane zesikole ngokudla okunomsoco

by | 12 August 2025

KUQEQESHWE kwaphinde kwakhuthazwa abaphekela izingane ezikoleni ngokubaluleka kokupheka ukudla okunomsoco futhi okunazo zonke izithako ezakha umzimba emcimbini osesikoleni samabanga aphakeme Eshowe Hish School Eshowe ngoLwesibili.

Lolu qeqesho beliholwa yinkampani i-Uniliver ngokubambisana nabakwaKnorrox lapho bekunezikhulumi ezingongoti kwezokudla nokupheka. Kulo mcimbi abapheki abaphekela izikole ezahlukene Eshowe namaphethelo bathole ithuba lokuthi bafunde ngokubaluleka kokuphekela izingane ukudla okunomsoco okunezakhamzimba.

UNkz Silindile Mbele oyi-Dietitian and Health Assistant Manager kwa-Uniliver ucathulise abapheki ngokumqoka bokuqinisekisa ukuthi ukudla abakuphekela izingane kunezakhamzimba ukuze izingane zikwazi ukuba nomdlandla wokufunda nokuzimbandakanya nezemidlalo.

“Okwami kube wukukhuluma namavolontiya aphekela izingane ngemigomo yokupheka ehambisana neyabekwa uMnyango wezeMpilo wokuthi kumele kudliwe kanjani ukudla okunomsoco,” kusho uNkz Mbhele.

Umpheki osemnkantshubomvu uSifiso Gwala yena ukhulume ngokubaluleka kokupheka ukudla okuhehayo futhi okumnandi ukuze izingane zikwazi ukukudla ngaphandle kokwexwaya.

“Kuyinto ejwayelekile ukuthi izingane azithandi ukudla izitshalo nami angazi ukuthi lokhu kudalwa yini. Kodwa kunendlela abaphekela izingane okumele bayenze ukuze zona lezi zitshalo zizidle futhi zibe mnandi,” kusho uGwala.

Uthe ukudla kwasezikoleni kudlala indima emqoka ezinganeni njengoba ezinye ikhona kudla ezinakho usuku lonke.

“Njengoba ezinye ziqhamuka emindeni engathathi entweni,” esho.

Uthe kumqoka ukuthi abaphekela izingane bangapheki sengathi bagcina icala kodwa bazinikele futhi bapheke ngendlela esezingeni eliphezulu kusukela kwindlela ukudla okubukeka ngaye nangephunga lakho ukudla kumele kuhehe ngaphambi kokuthi kuze kufinyelele ekunambitheni.

UMnu Simon Zulu ongomunye wabaphekela izingane kwesinye sezikole Eshowe uthe nakuba esenemnyaka engumpheki njengoba aqala esebenza ezitolo zokudlela kodwa uthe uyalwamukela ulwazi aluthole ngalolu hlelo futhi luzomsiza kuya phambili.

Uthe uyabonga ngalolu hlelo ngoba lumqoka ukuqinisekisa ukuthi izingani azigcini nje ngokudla noma yini kodwa zidla ukudla okunempilo okuzozivula umqondo ziphumelele ezifundweni zazo.

Lolu hlelo beliqala Eshowe kanti kulindeleke ukuthi luhambele izindawo ezahlukene eNingizimu Afrika njengoba ngoLwesine bazobe beseHamanskraal nakwezinye izindawo abasazozimemezela.

Ezisematheni

Kuqhakanjiswe amagalelo obuciko bolimi kowasabalalisa i-Natu

Kuqhakanjiswe amagalelo obuciko bolimi kowasabalalisa i-Natu

KUQHAKANJISWE amagalelo kowagqama ngokusabalalisa inyunyana yothisha nakwezinye izifundazwe ngenxa yokwazi kwakhe ukukhuluma zonke izilimi zakuleli, ngesikhathi engcwatshwa ngoMgqibelo. UMnu Velaphi Ndlovu owayayisekela lowayenguMengameli weNational Teachers Union...

Kabeneme umnyango wezemfundo ubuyisela emuva u-R600 million

Kabeneme umnyango wezemfundo ubuyisela emuva u-R600 million

IZINYUNYANA zothisha nekomidi elibhekelele ukusebenza koMnyango weMfundo eyisiSekelo ePhalamende, zihlabe isenzo salo mnyango sokubuyisela ehhovisi likamgcinimafa kazwelonke imali engaphezu kuka-R600 million, engasebenzanga kunyakamali odlule. Lokhu kuvele embikweni...

I-SAHRC ifuna kuphenywe ngokufa kowokufika nephoyisa

I-SAHRC ifuna kuphenywe ngokufa kowokufika nephoyisa

I-SOUTH African Human Rights Commission (SAHRC) inxusa ukubekezelelana kubantu kulandela isigameko sokubulawa kowokufika eThekwini, nephoyisa eNorth West okuthiwa libulawe ngumuntu wangaphandle. Ngeledlule kuqubuke imvunge ezinkundleni zokuxhumana kubonakala iVideo...