Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 ISoul Brothers igubha iminyaka ewu 48 isemkhakheni womculo

ISoul Brothers igubha iminyaka ewu 48 isemkhakheni womculo

by | 29 November 2024

THANDI ZONDI

IQEMBU lombaqanga iSoul Brothers lizogubha iminyaka ewu 48 lisemkhakheni wezomculo ngokwenza umjikelezo womculo. Lo mjikelezo uzoqala eMasilela Theatre, eGermiston ngomhlaka-7 kuZibandlela (December) bese udlulela KwaZulu-Natal, eHowick Town Hall, nase Imbizo Conference Hall, eMpangeni.


Leli qembu lasungulwa ngabaculi abahlanu okunguDavid Masondo, uTuza Mthethwa, uZenzele Mchunu, u-American Zulu noMoses Ngwenya. Eminyakeni eyedlule leli qembu like labhekana nezingqinamba zokushona kwabanye balo ngenxa yokugula, nokushonelwa. Phezu kwakho konke lokho uMoses Ngwenya okuwuye kuphela osaphila kubasunguli beqembu uyaqhubeka nokuhola iqembu nokuligcina liphila.


Ekhuluma ngalolu hambo uNgwenya uthe: “ISoul Brothers ihlangane nezingqinamba eziningi kodwa umculo wethu nothando lwabalandeli yilo olusiqhuba phambili. Lo mgubho akuwona owethu kuphela kodwa owabo bonke abantu abebehamba nathi kule ndlela. Ungowokuhlonipha abafowethu abangasekho nomculo wombaqanga osihlanganisayo,” esho.
Njengabaqambi bomculo wombaqanga, iSoul Brothers yejwayele ukubungazwa nezinye izingqalabutho zaseNingizimu Afrika okubalwa kuzo iLadysmith Black Mambazo, uMahlathini and the Mahotella Queens noSteve Kekana ongasekho. Okwenza leli qembu lehluke ngokuthi lingelinye lamaqembu amadala elisaqhubeka nokuqopha, liphinde lenze imijikelezo yomculo. Leli qembu linama album angaphezu kuka 45 .

Ezisematheni

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

NGUMNU Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela leDA, owadutshulwa wabulawa emzini wakhe oseMpophomeni, eHowick. USHAYE ingqimphothwe, wahoxisa isicelo sokudedelwa ngebheyili owesilisa osolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Nhlalayenza Ndlovu, owayengusotswebhu we-DA...

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

NGUMJIKIJELWA (ongasekho), ngu-Ali Mgube noMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele ababengamalungu eqembu, Ondabuzekwayo. BAFUNA ukufeza iphupho elingafezekanga ngeqembu labo likamaskandi ngesikhathi kudlula emhlabeni elinye lamalungu alo, uMjikijelwa "iChalaha...

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

UQHAKAMBISE uthando lwezingane, abazukulu, isizukulwane neBhayibheli njengemfihlo yokuphila afinyelele emnyakeni ewu-100 esadla enhlamvana uNkk Balindile Mthembu, obebungazwa emcimbini obukwakhe eHlanzeni eNanda ngoLwesihlanu. UNkk Mthembu,ouhlanganise iminyaka...