Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 ISoul Brothers igubha iminyaka ewu 48 isemkhakheni womculo

ISoul Brothers igubha iminyaka ewu 48 isemkhakheni womculo

by | 29 November 2024

THANDI ZONDI

IQEMBU lombaqanga iSoul Brothers lizogubha iminyaka ewu 48 lisemkhakheni wezomculo ngokwenza umjikelezo womculo. Lo mjikelezo uzoqala eMasilela Theatre, eGermiston ngomhlaka-7 kuZibandlela (December) bese udlulela KwaZulu-Natal, eHowick Town Hall, nase Imbizo Conference Hall, eMpangeni.


Leli qembu lasungulwa ngabaculi abahlanu okunguDavid Masondo, uTuza Mthethwa, uZenzele Mchunu, u-American Zulu noMoses Ngwenya. Eminyakeni eyedlule leli qembu like labhekana nezingqinamba zokushona kwabanye balo ngenxa yokugula, nokushonelwa. Phezu kwakho konke lokho uMoses Ngwenya okuwuye kuphela osaphila kubasunguli beqembu uyaqhubeka nokuhola iqembu nokuligcina liphila.


Ekhuluma ngalolu hambo uNgwenya uthe: “ISoul Brothers ihlangane nezingqinamba eziningi kodwa umculo wethu nothando lwabalandeli yilo olusiqhuba phambili. Lo mgubho akuwona owethu kuphela kodwa owabo bonke abantu abebehamba nathi kule ndlela. Ungowokuhlonipha abafowethu abangasekho nomculo wombaqanga osihlanganisayo,” esho.
Njengabaqambi bomculo wombaqanga, iSoul Brothers yejwayele ukubungazwa nezinye izingqalabutho zaseNingizimu Afrika okubalwa kuzo iLadysmith Black Mambazo, uMahlathini and the Mahotella Queens noSteve Kekana ongasekho. Okwenza leli qembu lehluke ngokuthi lingelinye lamaqembu amadala elisaqhubeka nokuqopha, liphinde lenze imijikelezo yomculo. Leli qembu linama album angaphezu kuka 45 .

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...