Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Umculi uqophe ingoma ngenkulumo yeSilo esabalale ezinkundleni zokuxhumana

Umculi uqophe ingoma ngenkulumo yeSilo esabalale ezinkundleni zokuxhumana

by | 24 July 2026

USEQOPHE iculo ngenkulumo yeSilo uMisuzulu esabalele ezinkundleni zokuxhumana emasontweni adlule ethuka undlunkulu uNomzamo MaMyeni.

Umculi kamaskandi uMphile “Sminofu” Gumede ukhiphe ingoma eyisipesheli esihloko esithi “Emachobeni”.

Kule ngoma, inezinhlamvu ezithi “Angikubekanga lapha hamba uyeMachobeni, thatha izitini zakho lezi uhambe lana, yini le oyakha la emzini kababa, hamba esontweni uyobona uMasango”.

Lo mculi ugqame kakhulu ngokuqopha izingoma ezithinta izigameko ezisabalala ezinkundleni zokuxhumana.

Phakathi kwezingoma akaziwa ngazo, kubalwa ethi “Imali yase-Absa”okuyingoma eyayibhekiswe kwinyanga yodumo uMnu Mabelengwe Ntombela njengoba ayebhekene necala lezinsolo zokukhwatshaniswa kwemali yase-Absa eyayifakwe eBhange lakhe intshontshwe isisebenzi sakulelibhange.

Enye yezingoma eyavelela ithi “Imali yezipikha Mthethwa”.

USminofu uthe lengoma isiphumile online futhi abantu bayayithanda kakhulu.

“Okubalulekile ngukuthi siculele abantu bajabule ngoba uma uyiciko ucula ngezinto ezithinta abantu,” kusho uSminofu.
Mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

I-Action SA ithembisa ukuvuselela ingqalasizinda komasipala

I-Action SA ithembisa ukuvuselela ingqalasizinda komasipala

UMENGAMELI we-Action SA, uMnu Herman Mashaba uthi ayihlome ihlasele ngokhetho loHulumeni baseKhaya, njengoba ekhala ngokufa kwengqalasizinda yomphakathi athi bafuna ukuyivuselela komasipala uma benikwa ithuba. UMashaba ukusho lokhu ebethula umqulu wezethembiso...

Inkantolo ichithe iMK Party ngesimangalo sokhetho lwango-2024

Inkantolo ichithe iMK Party ngesimangalo sokhetho lwango-2024

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithwe yiNkantolo yoKhetho esimangalweni sawo, ukhala ngokuthi ukhetho lukahulumeni kazwelonke nezifundazwe lwango-2024 lwalungenabulungiswa, futhi lungakhululekile. I-MKP iye kule nkantolo ngezinsolo zokuthi kunobugebengu obenzeka...

Usale enkundleni obesolwa kwelokubulawa kwamaphoyisa amabili

Usale enkundleni obesolwa kwelokubulawa kwamaphoyisa amabili

KUDUTSHULWE kwabulawa oyedwa wabalisa abayanyaniswa nesigameko sokubulawa kwamaphoyisa ophiko lweCrime Intelligence. Lo mlisa ulahlwe ngelakubo ngesikhathi ethole phezulu namaphoyisa ngenganono endaweni yaseMaplazini, eNanda, ngoLwesihlanu ekuseni. Amaphoyisa...