Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 “Ngeke siphendulane noNgizwe, asidlali la

“Ngeke siphendulane noNgizwe, asidlali la

by | 7 August 2026

UMSUNGULI weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi ngeke aphendulane noNgizwe Mchunu ezinkundleni zokuxhumana ngoba uyambona ukuthi ugcwele ukudlala, ufuna ukubukwa ngezinkulumo azenza kuFacebook.

Lokhu kuza emuva kokuthi iMarch and March ikhiphe isimemezelo sokuthi ngeke isasebenzisana noMchunu, ngenxa yokuthi kunophenyo oluqhubekayo ngabamukele imali kosomabhizinisi nasezikhulwini zikahulumeni, ngenhloso yokukhubaza umkhankaso wale nhlangano wokuxosha abokufika eNingizimu Afrika
abangenamaphepha.

UNKK Ngobese-Zuma ukusho lokhu ngesikhathi ethula iSA First Forum neMarch and March Foundation.

“Asidlali la, sikhuluma izinto ezibalulekile nezithinta impilo yabantu. Asikwazi ukuphendulana noNgizwe, umuntu esisabona ukuthi usagcwele ukudlala. Uma singanaka yena, kuzoba sengathi nathi siyadlala. Akakhulume aze afike lapho ethanda khona, ngeke simphendule thina, sigxile ezintweni ezibalulekile ezizothuthukisa impilo yabantu,” esho.

Emuva kwesimemezelo ebesenziwe yiMarch and March sokumchitha, uMchunu uye ezinkundleni zokuxhumana wakhuluma ngoNkk Ngobese-Zuma noNkosikhona ‘Phakelumthakathi’ Ndabandaba, ethi abakaze baye nakwamanye amazwe, yena usevakashele inqwaba yamazwe angaphandle.

Uze wathi uNkk Ngobese-Zuma uya emazweni angaphandle ngoba ekhishiwe kanti yena uya kuwona evakashile.

Ezinye izinkulumo ezenziwe nguMchunu ngezokuthi ngeke phela kuhlale kumashwa njalo njengoba iMarch and March inezinhlelo zokuthi kube nemashi ehlala ikhona njalo uma kuwuLwesine.

KolweSA Forum, uNkk Ngobese-Zuma uthe ngenxa yokuthi iNingizimu Afrika ibukeka inyathela amalungelo abantu, bafuna ukusebenzisa yona ukulwela amalungelo abantu.

Uthe lokhu bakwenza ngenxa yokuthi kuyabiza ukukhokhela abameli uma kunamacala amakhulu, okwenza abantu bagcine bengabutholanga ubulungiswa ngoba bengenamali.
Uthe bona njengeSA First Forum bazogada izinto ezinjalo, baphinde bayise nabantu abahlukumeza abanye enkantolo.

Ngokuvula iMarch and March Foundation, uthe iphupho labo wukuthi bagcine sebakha nezikole ngoba inhloso yayo ukuqhakambisa ezemfundo.

Ezisematheni

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithe esikhundleni unobhala jikelele weqembu, uMnu Sibonelo Nomvalo wafaka, uNkz Lindiwe Mtshali esikhundleni sakhe. Izinguquko zenzeke emva kophenyo lwangaphakathi oluveza ukuthi uNomvalo kukhona izinto angazihambisi kahle eqenjini...

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...