Ilanga News
Home 9 Izindaba zakamuva 9 Ukhuthaza abesifazane ukungena kwezolimo owayeyisikhulu ehhotela

Ukhuthaza abesifazane ukungena kwezolimo owayeyisikhulu ehhotela

by | 1 October 2025

UNXUSA abesifazane abasebancane abampisholo, ukungakushalazeli ukuqala ibhizinisi lokufuya uNkk Linda Nkosi, uMaMthalane (34), waseDundee, ongene wagamanxa kulo mkhakha njengoba azisungulela iNkonyane Yenkosi Farming. 

UMaMthalane, osezakhele igama kwezolimo ngenxa yokuba ngowesifazane onezinkomo ezingaphezu kuka-200, ubekhuluma emcimbini weMetropolitan Collective Shapers, obuhlanganise osomabhizinisi abavela ezindaweni ezahlukene eSandton, eGoli, ngeledlule. 

Uthi ngesikhathi kuvalwa izwe, ngenxa yokhuvethe ngo-2020, waphelelwa wumsebenzi kwelinye lamahhotela aseThekwini ayengesinye sezikhulu kulona. Uthi wabe esexoxa nomyeni wakhe, uMnu Wiseman Nkosi, bebonisana ukuthi bangenza
kanjani ukuxosha ikati eziko. 

“Ngabe sengicabanga indaba yokuthenga izinkomo emuva kokuphuma kwemali yami (ngoba ubaba wakwakhe wakhulela emakhaya kufuyiwe). Nakuba sikhule sazi ukuthi ukufuya ngokwabantu besilisa, kodwa ngaqala ngabona kuyeka phambili. Nganginalo uvalo kodwa ngenxa yokuthi ngangazi ukuthi ngibheke kuphi, ngabe sengiqala ngihlangana nabantu abehlukene abakulo mkhakha, ukuncela ulwazi kubona. 

“Ngithe uma ngibona abakwaMetropolitan Collective Shapers, befuna ukuxhasa osomabhizinisi abasafufusa, ngangenela, ngenhlanhla ngaphuma phambili. Ngibe sengifunda okuningi emuva kokuxhumana nabantu abaningi, kwazise kakukho ebengikwazi ngezinkomo,” esho.

 Uthi njengamanje unezinkomo ezibalelwa ku-200 zezinsikazi nezinkunzi ezine. Uthi uyafisa ukubona nabanye abesifazane bengena kulo mkhakha, bayeke ukucabanga ukuthi ngowabesilisa kuphela.

“Kuningi esengikufundile kulo mkhakha. Okunye okubalulekile kakhulu wukuthi uma imfuyo yanda, ngingasheshi ukuyithengisa, okuyikhona okushaya abantu abaningi. Ngijabule ngendlela engibona izinto zihamba ngayo. 

“Ngesikhathi ngisebenzanehhotela eThekwini, kangikaze ngizibone ngihleli, kwazise ngangisezikhundleni eziphezulu. Lokhu ngikusho ngoba ngifisa ukuthi abantu abasha bangakhohlwa wukuthi ikusasa kalaziwa, yingakho ngibanxusa ukuba
bangene kwezolimo kuseyimanje ukuze bazithuthukise,” esho. 

UMaMthalane ubonge umyeni wakhe ngokuba yinsika yakhe uma ehlangabezana nobunzima balo mkhakha. Uphethe ngokuthi kakusoze kwaphuma esitayeleni ukufuya ngoba ukudla kudingeka nsuku zonke. 

UMnu uPeter Tshiguvho, oyisikhulu esiphezulu kwaMetropolitan, uthe bazoqhubeka nokwelekelela osomabhizinisi abasafufusa. Lona bekuwumcimbi wesine njengoba uba khona kanye ngonyaka. UTshiguvho uthe basezinhlelweni zokuthi lo mcimbi esikhathini esizayo uhlanganise abafuyi abaphuma kuzo zonke izifundazwe zakuleli.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...