Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Sizolalelwa kule nyanga isicelo somnyango ngama-laptop eziboshwa

Sizolalelwa kule nyanga isicelo somnyango ngama-laptop eziboshwa

by | 1 November 2024

THANDOLUHLE NGUBO

SIZOLALELWA phakathi noNovember nonyaka eNkantolo yoMthethosisekelo isicelo soMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo sokubuyekezwa kwesinqumo seNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala esavuma ukuba iziboshwa ezi-ngabafundi zibe nama-laptop ejele, kodwa zingabi nayo imvume yekusebenzisa i-internet kuwo. 

Lolu daba lwasuka ngo-2018, ngesikhathi isiboshwa saseGoli, uMbalenhle Sydney Ntuli sifaka icala eNkantolo eNkulu yaseGoli, sisola umnyango ngokucindezela ilungelo laso lokufunda ngoba usinqabela ukuba sibenzise i-laptop ngenhloso yokuqhuba izifundo zaso. Saveza ukuthi kasenelisekile ngokuthi umgomo wejele uthi isiboshwa kumele sisebenzise i-laptop kusuka ngo-9 ekuseni kuya ku-2 ntambama ngoba zihlala amahora angaphezu kuka-17 zivalelwe ejele, okuyisikhathi esathi kumele sisisebenzisele ukufunda. 

Isinqumo esavuna lesi siboshwa saphikiswa wumnyango, kwathi ngoLwezi wonyaka odlule, iNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala, yanquma ukuthi nanoma yisiphi isiboshwa esibhalisele ukufunda, sinelungelo lokuba ne-laptop esizofunda ngayo ejele. Yathi umnyango kumele ubuyekeze eminye yemigomo yayo, ivumele iziboshwa ezifundayo ukuba nama-laptop ngoba imisebenzi yesikole eminingi yenziwa ngohlelo lwezobuchwepheshe. 

Umnyango wasiphikisa lesi sinqumo, ukhala ngokuthi iziboshwa zigcina ziwasebenzisela ukwe

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...