Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Sizolalelwa kule nyanga isicelo somnyango ngama-laptop eziboshwa

Sizolalelwa kule nyanga isicelo somnyango ngama-laptop eziboshwa

by | 1 November 2024

THANDOLUHLE NGUBO

SIZOLALELWA phakathi noNovember nonyaka eNkantolo yoMthethosisekelo isicelo soMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo sokubuyekezwa kwesinqumo seNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala esavuma ukuba iziboshwa ezi-ngabafundi zibe nama-laptop ejele, kodwa zingabi nayo imvume yekusebenzisa i-internet kuwo. 

Lolu daba lwasuka ngo-2018, ngesikhathi isiboshwa saseGoli, uMbalenhle Sydney Ntuli sifaka icala eNkantolo eNkulu yaseGoli, sisola umnyango ngokucindezela ilungelo laso lokufunda ngoba usinqabela ukuba sibenzise i-laptop ngenhloso yokuqhuba izifundo zaso. Saveza ukuthi kasenelisekile ngokuthi umgomo wejele uthi isiboshwa kumele sisebenzise i-laptop kusuka ngo-9 ekuseni kuya ku-2 ntambama ngoba zihlala amahora angaphezu kuka-17 zivalelwe ejele, okuyisikhathi esathi kumele sisisebenzisele ukufunda. 

Isinqumo esavuna lesi siboshwa saphikiswa wumnyango, kwathi ngoLwezi wonyaka odlule, iNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala, yanquma ukuthi nanoma yisiphi isiboshwa esibhalisele ukufunda, sinelungelo lokuba ne-laptop esizofunda ngayo ejele. Yathi umnyango kumele ubuyekeze eminye yemigomo yayo, ivumele iziboshwa ezifundayo ukuba nama-laptop ngoba imisebenzi yesikole eminingi yenziwa ngohlelo lwezobuchwepheshe. 

Umnyango wasiphikisa lesi sinqumo, ukhala ngokuthi iziboshwa zigcina ziwasebenzisela ukwe

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...