
UMASIPALA weTheku uthi ulindele izinkumbi zabantu emabhishi nakuma-swimming pool, njengoba kuza amaholide kaZibandlela (December). Kuthiwa nabahlengi basemanzini (lifeguards), bami ngomumo ukubhekana nezimo eziphuthumayo.
Lokhu kuvele ngesikhathi kuhlonishwa ama-lifeguard emcimbini obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesihlanu, ngegalelo lawo ekuhlengeni umphakathi. UNkk Zama Sokhabase, onguSihlalo ekomidini lakwaCommunity Services, ubonge ama-lifeguards ngokuqinisekisa ukuphepha komphakathi, ngisho nasezimweni ezinzima zezulu.
“Imizamo yenu nokuzinikela ekuqinisekiseni ukuthi umphakathi uyaphepha, siyayibonga. Siyabonga ngokumela umasipala ezinkumbini zabantu ezisuke zivakashele emabhishi nakuma-swimming pool ethu,” esho.
Phakathi kwabebehlonishwa, bekukhona noMnu Mhlengi Gwala owasinda ngo-2018, esehlakalweni sokuhlaselwa, esaholela ekutheni anqunywe umlenze. Nakuba kunjalo usaqhubeka nomsebenzi wokuba yi-lifeguard nasekuzibandakanyeni nezemidlalo emazweni angaphandle.
Omunye ohlonishiwe nguMnu Sihle Xaba osanda kunqoba kwiSouth African Bodyboard Championships, lapho ebeyomela khona izwe kwi-surfing. Ama-lifeguards aphinde avuselela isifungo sawo sokuvikela impilo yabantu.
Kuphinde kwavezwa nomfaniswano omusha ozogqokwa ngama-lifeguards asebhishi nabakuma-swimming pool. Umasipala uthe umfaniswano omusha ungenye yezindlela zokutshengisa ukuzinikela ekuphepheni nasekuziphatheni kahle ngesikhathi samaholide kaZibandlela.
tzondi@ilanganews.co.za







