Ilanga News
Home 9 Featured 9 UDEDELWE NGEBHEYILI KA-5000 UJULIUS MKHWANAZI NOWAYENTOMBI YAKHE

UDEDELWE NGEBHEYILI KA-5000 UJULIUS MKHWANAZI NOWAYENTOMBI YAKHE

by | 21 July 2026



IPHINI lesikhulu esiphezulu elimisiwe lase-Ekurhuleni Metro Department (EMPD) uJulius Mkhwanazi lidedelwe nowayeyintombi yalo ngebheyili ka-R5000 umuntu emunye njengoba bebevele enkantolo yeMantshi yaseGoli namuhla ngokulahleka kwamatshe ayigugu.

UMkhwanazi nowayeyintombi yakhe obizwa ngofakazi K kwiMadlanga Commission of Enquir, babhekene necala lokunyamalala kwamatshe ayigugu (Precious Stones) abiza u-R15 million, okuthiwa yibona ukunyamalala kwawo ekumniniwo ngo-2023.

UMkhwanazi uboshwe ngaleli cala lenkohlakalo wuPhiko i-Independent Police Investigative Directorate (IPID) ngolwesihlanu nezinye izinhlaka zamaphoyisa ebezenza uphenyo ngokulahleka kwala matshe.

Uboshwe emva kobufakazi obuvezwe ngufakazi K, oyiphoyisa lakwaMetro eGoli kwiMadlanga Commission of Enquiry odalule ukuthi alahleka kanjani lamatshe, waveza neqhaza lakhe lokunyamalala kwawo.

UMkhwanazi ungowesihlanu kwababoshelwe leli cala lamatshe ayigugu.

Ngesikhathi kuboshwa ufakazi K, uMkhwanazi ubengaziwa ukuthi ukuphi nezinkalo kodwa waze wabanjwa eBedforview ngoLwesihlanu ebusuku.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...