Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ithembise ukusebenza ngokuzikhandla imeya entsha yaseNkandla

Ithembise ukusebenza ngokuzikhandla imeya entsha yaseNkandla

by | 18 April 2025


INXUSE ukwesekwa emkhandlwini wamakhansela imeya entsha yaseNkandla, uNkk Nonhlanhla Nzuza. Uthe lokhu kuzosiza ekutheni abhekane kalula nezingqinamba ezibhekene nezakhamuzi zakule ndawo kwezentuthuko uma kubanjisenwe kahle ukuze kubekwe phambili izidingo zomphakathi. Uphawule ngalokhu emuva kokubekwa kwakhe ngokusemthethweni kulesi sikhundla ngoLwesibili.


“Ngiyazi izicathulo engingene kuzona zinkulu kakhulu ngoba imeya yethu esilahlekele ubaba uBiyela, uwusebenzele kakhulu umasipala wethu,” kusho uNkk Nzuza. Ungene kulesi sikhundla ngethikithi le-IFP emuva kokuba kushone obeyimeya uMnu Mbhekiseni “Bhejane” Biyela.


Kusukela ngoZibandlela (December) nyakenye bekubambe uNkk Nonhlanhla Nzuza.
Akamusha neze ekusebenzeleni umphakathi njengoba ngonyaka ka-2000 waba ikhansela, waba yilungu lesigungu esiphezulu emkhandlwini (Exco Member), ngo-2006 kuya-2011 waba iSekela Meya kanti uke waba usomlomo isikhathi eside.
Ngo-2016 waphinde waqokwa njengeSekela Meya kwaze kwaba u-2024.

Njengoba esegcotshiwe ngokugcwele kulesi sikhundla, KwesikaSekela Meya kuqokwe uNkk uNokuthula Magubane naye osegcotshiwe ngethikithi le-IFP.
UNkk Nzuza uthembise ukusebenza ngokuzikhandla ukuze wonke amaWard awu-14 akule ndawo, athole intuthuko.
Mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...