Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ithembise ukusebenza ngokuzikhandla imeya entsha yaseNkandla

Ithembise ukusebenza ngokuzikhandla imeya entsha yaseNkandla

by | 18 April 2025


INXUSE ukwesekwa emkhandlwini wamakhansela imeya entsha yaseNkandla, uNkk Nonhlanhla Nzuza. Uthe lokhu kuzosiza ekutheni abhekane kalula nezingqinamba ezibhekene nezakhamuzi zakule ndawo kwezentuthuko uma kubanjisenwe kahle ukuze kubekwe phambili izidingo zomphakathi. Uphawule ngalokhu emuva kokubekwa kwakhe ngokusemthethweni kulesi sikhundla ngoLwesibili.


“Ngiyazi izicathulo engingene kuzona zinkulu kakhulu ngoba imeya yethu esilahlekele ubaba uBiyela, uwusebenzele kakhulu umasipala wethu,” kusho uNkk Nzuza. Ungene kulesi sikhundla ngethikithi le-IFP emuva kokuba kushone obeyimeya uMnu Mbhekiseni “Bhejane” Biyela.


Kusukela ngoZibandlela (December) nyakenye bekubambe uNkk Nonhlanhla Nzuza.
Akamusha neze ekusebenzeleni umphakathi njengoba ngonyaka ka-2000 waba ikhansela, waba yilungu lesigungu esiphezulu emkhandlwini (Exco Member), ngo-2006 kuya-2011 waba iSekela Meya kanti uke waba usomlomo isikhathi eside.
Ngo-2016 waphinde waqokwa njengeSekela Meya kwaze kwaba u-2024.

Njengoba esegcotshiwe ngokugcwele kulesi sikhundla, KwesikaSekela Meya kuqokwe uNkk uNokuthula Magubane naye osegcotshiwe ngethikithi le-IFP.
UNkk Nzuza uthembise ukusebenza ngokuzikhandla ukuze wonke amaWard awu-14 akule ndawo, athole intuthuko.
Mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...