Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuthiwa ubeziphindiselela odubule abawu-7 kwafa abathathu eNanda

Kuthiwa ubeziphindiselela odubule abawu-7 kwafa abathathu eNanda

by | 23 January 2025

KUSOLWA ukuthi ubeziphindiselela owesilisa odubule abantu abayisikhombisa, kwashona abathathu ngoLwesibili ebusuku eMapulazini, eNanda, eThekwini.

Kubikwa ukuthi ngoLwesibili ebusuku kugasele umsolwa owaziwayo endlini obekuhleli kuyona abahlaselwe, wavulela ngenhlamvu, maqede washaya wachitha.

Ababulewe nguMnu Sphiwe Shezi (25), ngu-Ayabonga Maseko (19) nowesilisa owaziwa ngelikaMthinayi (25). Abane baphuthunyiswa emtholampilo, belimele kanzima.

ILANGA lithole ngemithombo yalo ukuthi kunezinsolo eziqinile zokuthi ukudutshulwa kwalaba, kuhlobene nokuziphindiselela. Umthombo waleli phephandaba, ulihlebele ukuthi umsolwa udubule laba nje, ubesebuya okwesibili kule ndlu abebehleli kuyona laba.

Uveze ukuthi umsolwa ngumuntu owaziwayo endaweni, ufike okokuqala kule ndlu eyofuna imali yakhe.

“Lo mfana owenze le nto, ufike endlini obekuhleli kuyona laba, wafuna imali yakhe. Asazi ukuthi imali yani lena abeyifuna, kodwa laba banqabile nayo, bathi ngeke ayithole. Kube sekusuka ingxabano phakathi kwabo, egcine iholela ekutheni bamshaye kanzima umsolwa.

“Uhambile wayolanda isibhamu, wabuya wavulela ngenhlamvu kubona bonke abebephakathi endlini. Ababili kulaba abashonile, baphuthunyiswe emtholampilo, baphelela khona. Oyedwa ushonele endaweni yesigameko,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Robert Netshiunda uthe kuvulwe amacala amathathu okubulaka namane okuzama ukubulala.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...