Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuthiwa ubeziphindiselela odubule abawu-7 kwafa abathathu eNanda

Kuthiwa ubeziphindiselela odubule abawu-7 kwafa abathathu eNanda

by | 23 January 2025

KUSOLWA ukuthi ubeziphindiselela owesilisa odubule abantu abayisikhombisa, kwashona abathathu ngoLwesibili ebusuku eMapulazini, eNanda, eThekwini.

Kubikwa ukuthi ngoLwesibili ebusuku kugasele umsolwa owaziwayo endlini obekuhleli kuyona abahlaselwe, wavulela ngenhlamvu, maqede washaya wachitha.

Ababulewe nguMnu Sphiwe Shezi (25), ngu-Ayabonga Maseko (19) nowesilisa owaziwa ngelikaMthinayi (25). Abane baphuthunyiswa emtholampilo, belimele kanzima.

ILANGA lithole ngemithombo yalo ukuthi kunezinsolo eziqinile zokuthi ukudutshulwa kwalaba, kuhlobene nokuziphindiselela. Umthombo waleli phephandaba, ulihlebele ukuthi umsolwa udubule laba nje, ubesebuya okwesibili kule ndlu abebehleli kuyona laba.

Uveze ukuthi umsolwa ngumuntu owaziwayo endaweni, ufike okokuqala kule ndlu eyofuna imali yakhe.

“Lo mfana owenze le nto, ufike endlini obekuhleli kuyona laba, wafuna imali yakhe. Asazi ukuthi imali yani lena abeyifuna, kodwa laba banqabile nayo, bathi ngeke ayithole. Kube sekusuka ingxabano phakathi kwabo, egcine iholela ekutheni bamshaye kanzima umsolwa.

“Uhambile wayolanda isibhamu, wabuya wavulela ngenhlamvu kubona bonke abebephakathi endlini. Ababili kulaba abashonile, baphuthunyiswe emtholampilo, baphelela khona. Oyedwa ushonele endaweni yesigameko,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Robert Netshiunda uthe kuvulwe amacala amathathu okubulaka namane okuzama ukubulala.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...