
UTSHELE inkantolo ukuthi kwaqala kuwumbuzo “osakudlala” ukwakheka kwetulo lokubulawa komyeni wakhe uNongcebo Faith Ntombela, odonsa udilikajele ngecala lokubulala umyeni wakhe owayeyisikhulu samaphoyisa kaMasipala weTheku, uCapt Zwelakhe Thomas Ntombela.
Umufi uNtombela wadutshulwa wabulawa esesangweni emzini wabo kwa-S, eMlazi, ngomhla ka-3 kuNhlaba (May) ngo2023, yinkabi uMzo Ntombela, eseyalivuma icala, yagwetshwa iminyaka ewu-20.
Leli cala belinabasolwa abane, okunguMzo Ntombela, uFaith Ntombela, uKhulani Cele (45) noSthembiso Justice Khumalo (53). UNkk Ntombela, osengufakazi wombuso, ubegibele ebhokisini lofakazi, njengoba kuqhubeka ukulalelwa kwecala lokubulawa kukaNtombela, eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
Kuleli cala sekusele abasolwa ababili okuwuCele, ovele odonsa isigwebo sikadilikajele ngecala lokubulala elenzeka ngo-2009, noKhumalo, onguthishanhloko kwesinye sezikole zamabanga aphansi, esiKwaMaphumulo.
UNkk Ntombela oqale wafakaza ngesiZulu, wabuye washintshela esingisini, utshele inkantolo ukuthi itulo lokubulala umyeni wakhe laqala liwumbuzo ongatheni, engxoxweni abebenayo noCele, athi wayezenza uMnu Siboniso Duma, owayenguNgqogqoshe wokuThuthukiswa koMnotho nokuVakasha eKZN, ngaleso sikhathi.
“Kalikho igama eliqondile elingachaza indlela okwaqala ngayo ukwakheka kwetulo. UCele wangibuza ukuthi ngingakhetha ukubulala bani phakathi komyeni wami nezingane zami, ngaphendula ngokuthi ngingavikela izingane zami. Wabe esethi, kusho ukuthi yilokho-ke engizokwenza, ngizobulala umyeni wami.
“Ngesikhathi iqhubeka le ngxoxo, wangitshela ukuthi umyeni wami akayena ungcwelengcwele. Wathi uma ngingaya kwi-safe yakhe, ngingathola inqwaba yezinhlamvu zezibhamu. Ngabuza ukuthi ukuthathaphi lokho, futhi wazelaphi ukuthi une-safe, waphendula ngokuthi umazi kudala umyeni wami ngoba babesebenzisana naye ebhizinisini lokudayisa izibhamu (elingekho emthethweni).
“Ngathi uma ngifika emzini wethu ngaqonda kwi-safe, ngazibona izinhlamvu eziningi. Ngangazi ukuthi umyeni wami unokusebenza ngezibhamu ezincane nezinkulu, kodwa lokho kwakuphelela emsebenzini wakhe, wayengavumelekile ukubuya nakho eze ekhaya. Ukubona lezi zinhlamvu kwenza ngazibuza ukuthi ngabe okushiwo nguCele kuyiqiniso yini,” esho.
Uthi baqhubeka baxoxa, kwaze kwaba liyavuthwa itulo lokubulala njengoba uCele agcina emyalele ukuba ayolanda ushevu kuKhumalo. Uthi lo shevu kwakumele awuhlanganise nento enobisi noma edungekile, ngoba wawushintsha umbala uma uhlanganiswa namanzi.
UNkk Ntombela uthi umzamo wokubulala uNtombela ngoshevu kawusebenzanga. Uthi waqhubeka netulo lokubulawa komyeni wakhe ngoba uCele wayesemsabisa ngokubulala izingane zakhe, ethi makazivikele njengokwempendulo yakhe. Ebuzwa ngobufakazi obethulwe nguCele ngoMsombuluko, bokuthi babazana kusuka ngo-2000, badukelana, baphinde bahlangana ngo-2005, utshele inkantolo ukuthi lokhu akulona iqiniso.
Uthi waqala ukubona uCele ngamehlo ngemuva kokudutshulwa komyeni wakhe, ngesikhathi eyombona ejele iNew Prison, eMgungundlovu. Umbuso usonge ukuhola uNkk Ntombela ngemibuzo, ngombuzo othi, akukho yini afisa ukukusho emndenini wakwaNtombela.
“Kuningi engifisa ukukusho kwaNtombela, kodwa ngizolinda ukunikwa ithuba wuMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, ngohlelo lwawo,” esho.







