Itholakale ilaxaziwe ingane ebinyamalale nowesilisa ogence walimaza kanzima enye angayizali kulandela ingxabano nonina.
Lesi sigameko esenzeke kwelinye lamapulazi eSinembe ngasoThongathi, sishiye abantu abaningi bekhexile babaza isihluku salona wesilisa.
Yize amaphoyisa ebengakaqinisekisi kodwa imibiko iveza ukuthi umsolwa ogcine eboshiwe ngoLwesihlanu, uwakhombisile amaphoyisa lapho elaxaze khona ingane eneminyaka emithathu.
Imibiko iveza ukuthi umsolwa ube nengxabano nonina wezingane abenodlelwane naye okuthiwa ubemsola ngokungathembeki wabe esebhodlela ezinganeni.