Ilanga News
Home 9 Featured 9 Igcine itholakele ingane 3 ebinyamalele nowesilisa

Igcine itholakele ingane 3 ebinyamalele nowesilisa

by | 27 December 2024

Itholakale ilaxaziwe ingane ebinyamalale nowesilisa ogence walimaza kanzima enye angayizali kulandela ingxabano nonina.

Lesi sigameko esenzeke kwelinye lamapulazi eSinembe ngasoThongathi, sishiye abantu abaningi bekhexile babaza isihluku salona wesilisa.

Yize amaphoyisa ebengakaqinisekisi kodwa imibiko iveza ukuthi umsolwa ogcine eboshiwe ngoLwesihlanu, uwakhombisile amaphoyisa lapho elaxaze khona ingane eneminyaka emithathu.

Imibiko iveza ukuthi umsolwa ube nengxabano nonina wezingane abenodlelwane naye okuthiwa ubemsola ngokungathembeki wabe esebhodlela ezinganeni.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...