Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuvele eyezinsolo zokuthakathana umfana (14) ‘ebulawa ngumzala wakhe’

Kuvele eyezinsolo zokuthakathana umfana (14) ‘ebulawa ngumzala wakhe’

by | 21 November 2024

THANDI ZONDI 

KUSOLWA ukungezwani komndeni nezinsolo zokuthakatha ngokugwazwa kubulawe uSmiso Sithole (14) waKwaMajomela, KwaNongoma, okubikwa ukuthi kwenziwe ngumzala wakhe wesifazane ngoMgqibelo. 

UNkz Zandile Sithole okhulumela umndeni uthi sibaphathe kabi lesi senzo somsolwa oyingane kamfowabo. 

“Esikutholayo wukuthi kakukho okubangiwe, kube nokudushana kuphela phakathi kukamufi nomsolwa. Umsolwa ube esedonsa i-screwdriver wagwaza uSimo. Simphuthumise emtholampilo, wafika waphelela khona,” esho. 

Uthi umndeni wakubo kamsolwa nomufi ubungasakhulumisani ngenxa yezinsolo zokuthakatha. 

“Phambilini kwake kwaba nengxabano, amaphoyisa athi masifake incwadi eyisivimbelo sasenkantolo, kubangwa yona leyo yokuthakathana. Sagcina sihlalile phansi njengomndeni, sathelelana amanzi, kwahlatshwa nembuzi yokushweleza,” kusho uNkz Sithole. 

Ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko kuthiwa umufi ubezama ukusiza udadewabo obeshawa ngumsolwa. UNkz Sithole uthi kubaphatha kabi ukuthi umndeni womsolwa uyathutha endaweni, esikhundleni sokuba bahlale phansi, baxoxe ngenkinga ekhona.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-Col Robert Netshiunda usiqinisekisile isigameko. 

“Amaphoyisa aKwaNongoma abophe owesifazane (20) kulandela isigameko sokubulawa komfana oneminyaka ewu-14 ogwazwe ngokubukhali esifubeni. Umsolwa uvele ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi KwaNongoma. Uzophinde avele ngomhla ka-25 kuLwezi (November). 

“Imibiko iveza ukuthi umsolwa nesisulu babendawonye kubo KwaMajomela ngesikhathi kuqubuka impi yamazwi, umsolwa wagwaza isisulu, esiphuthunyiswe esibhedlela lapho esishonele khona,” kusho uNetshiunda. 

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...