Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuvele eyezinsolo zokuthakathana umfana (14) ‘ebulawa ngumzala wakhe’

Kuvele eyezinsolo zokuthakathana umfana (14) ‘ebulawa ngumzala wakhe’

by | 21 November 2024

THANDI ZONDI 

KUSOLWA ukungezwani komndeni nezinsolo zokuthakatha ngokugwazwa kubulawe uSmiso Sithole (14) waKwaMajomela, KwaNongoma, okubikwa ukuthi kwenziwe ngumzala wakhe wesifazane ngoMgqibelo. 

UNkz Zandile Sithole okhulumela umndeni uthi sibaphathe kabi lesi senzo somsolwa oyingane kamfowabo. 

“Esikutholayo wukuthi kakukho okubangiwe, kube nokudushana kuphela phakathi kukamufi nomsolwa. Umsolwa ube esedonsa i-screwdriver wagwaza uSimo. Simphuthumise emtholampilo, wafika waphelela khona,” esho. 

Uthi umndeni wakubo kamsolwa nomufi ubungasakhulumisani ngenxa yezinsolo zokuthakatha. 

“Phambilini kwake kwaba nengxabano, amaphoyisa athi masifake incwadi eyisivimbelo sasenkantolo, kubangwa yona leyo yokuthakathana. Sagcina sihlalile phansi njengomndeni, sathelelana amanzi, kwahlatshwa nembuzi yokushweleza,” kusho uNkz Sithole. 

Ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko kuthiwa umufi ubezama ukusiza udadewabo obeshawa ngumsolwa. UNkz Sithole uthi kubaphatha kabi ukuthi umndeni womsolwa uyathutha endaweni, esikhundleni sokuba bahlale phansi, baxoxe ngenkinga ekhona.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-Col Robert Netshiunda usiqinisekisile isigameko. 

“Amaphoyisa aKwaNongoma abophe owesifazane (20) kulandela isigameko sokubulawa komfana oneminyaka ewu-14 ogwazwe ngokubukhali esifubeni. Umsolwa uvele ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi KwaNongoma. Uzophinde avele ngomhla ka-25 kuLwezi (November). 

“Imibiko iveza ukuthi umsolwa nesisulu babendawonye kubo KwaMajomela ngesikhathi kuqubuka impi yamazwi, umsolwa wagwaza isisulu, esiphuthunyiswe esibhedlela lapho esishonele khona,” kusho uNetshiunda. 

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...