Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ithuba lokugcina ‘lokuzwela’ abakweleta uMasipala weTheku

Ithuba lokugcina ‘lokuzwela’ abakweleta uMasipala weTheku

by | 5 November 2025

UMASIPALA weTheku usuphinde welula isandla ezakhamizini eziwukweletayo njengoba uzinxusa ukuba zihambele amahhovisi awo, ukuyoxoxisana neziphathimandla ngezindlela zokukhokha kusuka ngale nyanga kaLwezi (November) kuze kube wukuphela kukaMasingana (January).

Umasipala uthi uma labo abakweletayo sebelubikile usizi lwabo emkhandlwini, bazokwehliselwa igxenye (50%) emalini abayikweletayo. Lolu hlelo kaluqali ngoba umasipala wake waqhamuka nalo, kodwa abantu bakhala ngokuthi isikhathi esasibekiwe sasisincane, futhi kabazange babe nalo ulwazi ngalo.

IMeya yeTheku uMnu Cyril Xaba, imemezele ukuvuselelwa kwalolu hlelo lwaseThekwini izolo ngeSonto.

“Abantu bakithi siyazi ukuthi bakhahlanyezwa yizikhukhula, wukhuvethe (Covid-19) nezibhelu zikaNtulikazi (July) wango-2021. Abanye balahlekelwa yimisebenzi, abanye bagula. Ngakho-ke siyazwelana nabo, futhi sifisa ukuthi impilo iqhubeke. Siyakhombisa ukuthi siwumasipala onakekelayo, futhi olalelayo uma abantu bekhala,” kusho uXaba.

Abantu abakweletayo eThekwini yilabo abakhokhela amanzi nogesi. UXaba uthe abantu bakhala ngokuthi bakhokhiswa imali eyeqile ngoba ugesi abawusebenzisayo, uyahlawunjiselwa.

“Izisebenzi zethu ezisophikweni lukagesi, ziba nezink-nga uma zifuna ukuyofunda amamitha amanzi ngoba amanye aba semagcekeni emizi, uthole ukuthi kuleyo mizi kuyakhiywa emini nasebusuku, okuphoqa ukuba kuli-nganiselwe,” kusho imeya.

Lolu hlelo luyingxenye yezinhlelo zokuphucula ukulethwa kwentuthuko ebantwini.

Ezisematheni

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

UMBHISHOBHI Sandile Ndlela, webandla iMethodist Church eNtuzuma, ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe uMkhonto weSizwe Party (MKP) athi uphethe iNational Religious Desk kulona, njengoba esanda kushiselwa umuzi. Uthi njengoba bekunomoya omkhulu izolo ngoMgqibelo,...

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

IKHALE ngokungabi nanembeza nokwedelela ngokudlwengulwa kwesisulu eduze kwethuna likayise, iMantshi uW.J.J Schutte, igweba “umalugaju” waseRichards Bay. Lokhu kwenzeke ngoMsombuluko, ngesikhathi iNkantolo yesiFunda saseRichards Bay, igixabeza lo “malugaju” uSanele...