Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UNKK Mashatile ubuyisela isipho sedayimane emuva

UNKK Mashatile ubuyisela isipho sedayimane emuva

by | 4 December 2024

IPHINI likaMengameli waseNingizimu Afrika uMnu Paul Mashatile nomkakhe uNkk Humile Mashatile

INTATHELI YELANGA

UNKOSIKAZI kaMnu Paul Mashatile, uNkk Humile Mashatile sekuvele ukuthi uzosiphindisela emuva isipho sendandatho yedayimane asiphiwa ngusomabhizinisi obhekene namacala okuqola nokushushumbisa amadayimane uMnu Louis Liebenberg.

Phambilini kwabikwa ngokuthi owayeyinhloko yezokuvikela kaLiebenberg waphumela obala ngezipho zikanokusho ezanikezwa izikhulu zikahulumeni nalabo ezisondelene nazo.

Esitatimendeni esikhishwe ihhovisi likaMashatile siveze ukuthi uNkk Mashatile wathola isipho esinetshe eliwubukhazikhazi esiqhamuka kuLiebenberg.

Ngokubika keTimesLive ngaphandle kokwanda kabanzi kulesi sitatimende inhloko ehhovisi likaMashatile uMnu Mduduzi Mbada uthe ngemuva kokuva ethole lesi sipho uNkk Mashathile ongoti bathintwa ngenhloso yokuzoqinisekisa ukuthi leli litshe elatholakala kusona libiza kangakanani ukuze akwazi ukuphumela obala ngaso.

Isitatimende siveze ukuthi ngesikhathi uNkk Mashatile ebesabhekene nalesi sigameko kwaqubuka izinsolo ezahlukene ezishaqisayo ngoLiebenberg.

“Ngenxa yalezi zinsolo ebezithinta okhiphe lesi sipho uMbada uthathe isinqumo sokuthi sibuyiselwe emuva kumnikazi waso.

Seziqalile izinhlelo zokuthi lesi sipho sibuyele kumnikazi waso,” kubika isitatimende.

Siqhube ngokuthi uMnu Mashatile nowakwakhe sebechazeliwe ngalokhu futhi bayasamukela isinqumo sokubuyiselwa kwalesi sipho.

Phambilini iSunday Times ike yabika ngesitatimende esishaqisayo esabe sibhalwe ngowayeyinhloko yezokuvikela kaLiebenberg uHeinlo Jooste esineka obala izikhulu zikahulumeni nosopolitiki abebebusiswa ngezipho zikanokusho.

Elinye iphephandaba iDaily Maverick yabika ngomhlangano Jooste awuhambela emzini kaMashatile oseWaterfall EstatengoNovember 2023.

Kubikwa ukuthi kulo mhlangano uJooste wayalelwa ukuba akhethe isipho sedayimane sikaMashatile.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...