Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 UMroza ufuna kusizakale umphakathi ngelebuli yakhe yezimpahla zokugqoka

UMroza ufuna kusizakale umphakathi ngelebuli yakhe yezimpahla zokugqoka

by | 17 August 2025

UTHANDO lokufukula umphakathi nokubona abesifazane bezibambela mathupha, kwenze umsakazi woKhozi FM, adle amathambo engqondo ukuthi yikuphi okunye okungalekelela kuleli phupho lakhe.

UNonhlanhla ‘Mroza’ Buthelezi osakaza iVuka Afrika Breakfast Show njalo ngoMsombuluko kuya koLwesihlanu, kusukela ngo-6 kuya 9 ekuseni, usesungule ilebuli yezimpahla zokugqoka ebizwa ngeMroza Ree, egxile ezimpahleni ezingagqokwa ngojahidada, yintsha nasebekhulile.

Echazela ILANGA Lempelasonto uthe: “Ngingumuntu okukhonzile ukulekelela lapho ngingakwazi khona. Ngikholelwa nakakhulu kwezemfundo.

“Ngesikhathi ngisungula le lebuli, umqondo wami ubusekutheni njengoba nginenhlangano engenzi inzuzo, iThumumlilo, esiza izingane ngokwezemfundo nasemipha-kathi eswele, ngeke ngihlale ngicela ezinkampanini ezizimele ngaso sonke isikhathi.

“Ngibe sengicabanga ukuthi yikuphi okunye okuyibhizinisi okungangisiza ekulekeleleni emphakathini,” esho.

Uthi icebo lokungena ezimpahleni zokugqoka, lifike lapho. “Ngifisa ukuthi ingxenye ethile yemali ezobe ingena, ngiyidlulisele kwinhlangano ukuze sikwazi ukuqhubeka nokusiza umphakathi nabafundi, kutholakale imfundo, kusizakale nabadinga imifundaze,” esho.

UMroza uthi le lebuli ingeyabo bonke abazibiza ngomngani noma umlandeli wakhe.

“Ngaphandle kokuba ngumsakazi, kwabanye bangibona njengosisi, njengo-aunty noma njengomama. Ngeyalabo bantu abafisa ukuziyamanisa nento ethi Mroza ngezizathu zabo ezahlukene,” esho.


Uthi yinto angeke ayiphike ukuthi uyakuthanda ukubukeka kahle, nakuba engesiyena usomafashini.

“Ngikholwa wukuthi sonke siyathanda ukubukeka kahle, futhi sibe nokuzethemba uma sigqokile. Inhloso yami enkulu bekuwukuqhamuka nokokugqoka okungadli ephaketheni.

“Le lebuli igxile ekubukekeni kahle, futhi usesitayeleni, kodwa ngamanani aphansi. Ngaphezu kwalokho, ngifuna kwabayigqokile babe nomuzwa wokuthi bangenza noma yini empilweni, inqobo uma kunokuzimisela,” kuchaza uMroza.

UMroza uthi ukungena kwezemfashini akusho ukuthi useyashenxa emsakazweni, kepha utshengisa ukubaluleka ngokungagxili emholweni owodwa.

“Esikhathini esiningi singabesifazane sinejoka lokunakekela imindeni. Kubalulekile ukuthi uma kukhona ithalente onalo, ulisebenzise. Kuyenzeka uthole ukuthi kawunangane, kodwa kunamalungu athile emndenini ancike kuwe.

“Kwesinye isikhathi kuba nzima ukuwanakekela ngomholo owodwa, yingakho ngithi uma ikhona indlela yokuphemba ibhizinisi, ungayiyeki.” esho.


Ebhizinisini lokuthunga uqashe abesifazane, kanti naye uMroza uthi uyingxenye yethimba.

“Nami uma ngiphuma emsakazweni, ngiye ngifingqe imikhono, ngilekelele ukuze umsebenzi uye phambili. Isifiso sami esikhulu wukuthi ngibe nezitolo lapho ngizodayisa khona uma kuqhubeka isikhathi,” ephetha.

Uthi ama-order aseqalile ukungena kusetshenziswa izinkundla zokuxhumana. Izimpahla zizotholakala nakwi-online shop.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...