
LUYAQALA ushikishi lwekhomishini yeJaji eselithathe umhlalaphansi, uMbuyiseli Madlanga, ezophenya ngezinsolo ezishaqisayo ezavezwa nguMkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uJenene uNhlanhla Mkhwanazi.
NgoLwesithathu, uMnu Jeremy Michaels okhulumela le khomishini, uthe ukulalelwa kwezethulo nobufakazi kuzoqala mhla lulunye kuMandulo (September). UMichaels uphinde waveza nokuthi le khomishini izobe isebenzela ekolishi lezomthetho, iBridgette Mabandla Justice College, elisenkabeni yedolobha iPretoria.
Uphinde washo nokuthi ngeke ikhomishini ikhokhele indawo ezosebenzela kuyona. Kube nesikhalo emaqenjini aphikisayo ngemuva kokuba uMengameli uMnu Cyril Ramaphosa ememezele isinqumo sakhe sokusungulwa kwale khomishini.
Lawa maqembu abekhononda ngokuthi kuchithwa imali eningi kakhulu yomphakathi kula makhomishini. I-EFF namanye amaqembu, benze isiphakamiso sokuba kusetshenziswe izindawo zomphakathi okungeke kuchithwe mali eshisiwe kuzona.
UMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi kubikwa ukuthi umatasa nokulungisa indawo okuzosetshenzelwa kuyona ukuze ihambisane nesimo okumele ibe kusona. UMkhwanazi wazamazamisa izwe ngesikhathi ekhuluma esithangamini sabezindaba esasiseThekwini ekuqaleni kukaNtulikazi (July), lapho waveza ukuthi inkohlakalo ejulile emaphoyiseni ibandakanya osopolitiki abaqavile, nezikhulu eziphezulu emaphoyiseni.
Wabalula igama likaMnu Senzo Mchunu onguNgqongqoshe wamaPhoyisa omiswe emsebenzini emuva kokuqubuka kwalezi zinsolo, wathi usondelene nabantu abayizigebengu.
Waphinde wabalula negama likaJenene Shadrack Sibiya oyisekela loMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke naye osamisiwe, wathi uyathinteka enkohlakalweni esemaphoyiseni.







