Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kusolwa isandla semfene ngokunyamalala kukangqondongqondo waZama Zama

Kusolwa isandla semfene ngokunyamalala kukangqondongqondo waZama Zama

by | 20 January 2025

ZIZOTHATHELWA izinyathelo ezinqalai izikhulu zamaphoyisa uma zitholakala zinecala lokulekelela ungqondongqondo wabavukuzi abangekho emthethweni, amaZama Zama ase-Stillfontein, uJames Neo Tshoaeli, owaziwa ngelika-Tiger, ongaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo.

Lokhu kuvezwe ngumkhulumeli wamaPhoyisa kuzwelonke uBrig Athlenda Mathe, ngesikhathi ememezela ukuthi amaphoyisa acela ukufuniswa uTiger ongowokudabuka eLesotho.

Uthi ama-record abo aveza ukuthi uTiger waphuma emgodini ngesikhathi kwenziwa utakulo ngeSonto eyedlule kodwa asikho isiteshi samaphoyisa angeniswa kuso futhi akakaze aye esibhedlela eyohlolwa njengamanye amaZama zama.

“Sesiqale uphenyo lokuzama ukuthola izikhulu ezamulekelela ukuba eqe phakathi kwendawo yokuphuma emgodini, i-shaft 11 noms ezitokisini zase maphoyiseni ase-Stilfontein.

Ama-record ethu athi akakaze abhaliswe kuzo zonke iziteshi ezigcine amaZama zama.

UTiger uchazwe njengomunye wabebephethe izintambo belawula konke obekwenzeka emgodini futhi ozakwabo bakhomba tena njengonesandla ekufeni kwalaba abafile njengoba ukudla ebekugcina kuye angabaniki abanye.

Ama-video asemgodini aveza yena ehlukumeza ngokushaya abanye,” kusho uMathe.

Uthi amaphoyisa ase-North West aseqalile ukumthungatha acela nokungenzeka bambone babikele amaphoyisa aseduze.

Uzwakalise ukuphoxeka ngabamulekelele ngokweqa ngemuva komsebenzi onzima wamaphoyisa i-Operation Vala Umgodi eyaqala ngasekupheleni konyaka owedlule.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...