Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ivulelwe icala lokushaya imeya yaKwaDukuza

Ivulelwe icala lokushaya imeya yaKwaDukuza

by | 26 February 2025

INGASE ibhekane nengalo yomthetho iMeya yaKwaDukuza, uMnu Muzi ‘Ali’ Ngidi.

ILANGA lithole ukuthi amaphoyisa aseMhlali, khona KwaDukuza, aphenya icala lokushaya elivulelwe uNgidi nonogada bakhe abathathu. Leli cala livulwe nguMnu Thami Mdunge oyilungu lomphakathi.

Ekhuluma neLANGA, uMdunge ukuqinisekisile ukuthi nguyena ummangali kulolu daba. Uthe ngomhla ka-26 kuZibandlela (December) nyakenye, wayehamba ngemoto yakhe ngesikhathi beshayelisana kabi nemoto eyayihamba imeya nabaqaphi bayo.

“Mina ngangizitshela ukuthi kuzokhulunyiswana ngoba kayikho imoto eyayilimele, kodwa yona imeya yavele yehla emotweni, yangiqhumisa ngezimpama iphindelela. Nonogada bayo basondela, bangishaya, bethi ngikhuluma ukwedelela kumqashi wabo,” esho.

Ethintwa uNgidi uthe kakukho azokuphawula ngalolu daba. Uqhube wathi kufanele kuxhunywane noMnu Zulu okhulumela uMasipala waKwaDukuza, okuthe uma Ilanga limfonela, ucingo lwakhe lwangabanjwa.

Ezisematheni

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ucacise ngokungaklonyeliswa koMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, emcimbini wokuklomelisa izisebenzi zikahulumeni, iminyango, omasipala baseKZN, izinhlangano ezingayenzi inzuzo nosomabhizinisi...

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

LIZOVULWA ngomhla ka-1 no-2 wenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwezi (November). Lokhu kuqinisekiswe yinhlangano eyengamele ezokhetho kuleli, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ngempelasonto. Kuzokhumbuleka...

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

UMNDENI unxusa umphakathi nabezindaba ukuba bayeke ukusabalalisa izinsolo nemibiko engaqinisekisiwe ngokudlula emhlabeni kukaDkt Ntuthuko Mahlaba (osesithombeni), okuvela ukuthi ushayiswe yimoto ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi ezivaocavoca. Isitatimende somndeni...