Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Ivuselelwe kabusha isinezihlabani eqokwe oKhozini

Ivuselelwe kabusha isinezihlabani eqokwe oKhozini

by | 3 December 2024

LUCKY CAIN

IVUSELELWE isibophele izihlabani ingoma yodumo esihloko sithi Skuta Baba esohlwini lwezingoma eziyishumi ezibhekwe ukuthi zihlukanise unyaka esiteshini somsakazo Ukhozi FM.

Le ngoma yeqembu iWoodblock DJs imenyezelwe ngoMsombuluko kulo msakazo njengenye yezingoma eziyishumi okumele abalaleli bazivotele ukuhlukanisa unya kulesi sikhondlakhondla somsakazo.

NgoLwesihlanu kulindeleke ukuthi kuphume ngokusemthethweni i-remix yale ngoma lapho izobe isihlanganise nezinye izihlabani zomculo okubalwa kuzo uCassper Nyovest, Kwesta, Buzzi LEE, Tony Daymane, Mvelost, Set Off, Kane Keid noSomololo.

UXolani Majozi ongumphathi weWoodblock DJs ngaphansi kwenkampani iSold Out Media uthe izinhlelo zokwenza i-remix yale ngoma bese zinesikhathi ziqalile kanti ukumenyezelwa ngoMsombuluko oKhozini kufane nale nto emnandi ephezulu ekhekheni.

“Le ngoma siyikhiphe ngo-August kanti kuyasijabulisa indlela abantu abayamukele ngayo njengoba besaqhubeka nokuyithakasela.

Ngakho sibone kungcono ukuthi sibenzele i-remix ukuze baqhubeke nokuyijabulela ngezindlela ezahlukene,” kusho uMajozi.

Uthe ukulanda lezi zihlabani zenze umsebenzi oncomekayo njengoba engananazi ukuthi isazoqhubeka nokuba nedumela emsakazweni nasezunkundleni zokuxhumana.

“Sibonile abantu ezinkundleni zokuxhumana beyidansela ngomdanso wayo wodumo kanti ukuthola laba bacula bengena kuzokwenza injabulo ephindiwe,” kusho uMajozi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...