Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Iyaqhubeka imizamo kangqongqoshe yokuxazulula impi yezigodi KwaNongoma

Iyaqhubeka imizamo kangqongqoshe yokuxazulula impi yezigodi KwaNongoma

by | 12 January 2025

Ubuyela KwaNongoma ukuyolalela olunye uhlangothi uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Senzo Mchunu osemizamweni yokuxazulula impi yezigodi esakwaMusi nakwaNyango.

Ngeledlule ungqongqoshe uhlangane nesigodi sakwaMusi njengoba esakwaNyango sagcina singalubhanga kulo mhlangano. NgoMsombuluko kulindeleke ukuthi ahlangane nesakwaNyango.

Okhulumela isigodi sakwaNyango uNorma Mbatha osephenduke iqhawe ngokulwela abesilisa bangakubo osekunzima ngisho nokukhuluma emhlanganweni ngenxa yokwesabela impilo zabo empini ephakathi kwesigodi sakwaMusi nesasoNyango esidlule nemiphefumulo selokhu kwasuka inxabano yabafundi eyagcina ikapakela emphakathini.

Ekhuluma neLANGA ngabakulindele emhlanganweni wakusasa ozokuba eSihlahla seNkosi High school uthe “Siyajabula ukuthi uNgqongqoshe uzofika ezolalela izikhalo zethu nokuyinto ekade siyilelwa siwumphakathi.

Esikufusayo ukuba kwenziwe ubulungiswa kuboshwe abaphambana nomthetho.

Kuyiphutha elikhulu ukuthi kungafa abantu kodwa kuthuleke kanjalo.

Siyajabula nokuthi uxolisile ngokwamukela isipho ezitheni .

Akukuningi esikudingayo ngaphandle nje kobulingiswa , ngikhuluma nje kunabantu abasagula ngenxa yakho ukudutshulwa kodwa kuphele kanjalo.

Sinethemba lokuthi konke kuzoxazululeka ngendlela ” kusho lenkosazana esiphenduke iqhawe ezinsizweni zangakubo njengoba amathemba azo elele kuyona ,kwazise zithi kunzima ukukhuluma emhlanganweni ngoba zesabela izimpilo zazo okwenza zithembele kumuntu wesifazane ukuba abe yiso lazo..

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...