Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuqashwe inkampani ezohambisela iziguli amanzi emawadini eMshiyeni

Kuqashwe inkampani ezohambisela iziguli amanzi emawadini eMshiyeni

by | 11 February 2025

SEKUQASHWE inkampani ezohambisela iziguli amanzi emawadini esibhedlela sikahulumeni iPrince Mshiyeni Memorial eMlazi, kulandela ukuphela kwawo isikhathi esicela emasontweni amabili.

Lokhu kuvezwe umphathi welesi sibhedlela uMnu Gabriel Khawula ngesikhathi uNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uNkk Nomagugu Simelani-Mngadi enesigcawu nabezindaba kuso lesi sibhedlela ngoLwesibili ntambama. UKhawula ubephendula inkulumo yenyunyana yezisebenzi i-Public Servants Association (PSA) eveze ngoMsombuluko ngesikhathi imashela le nkinga kulesi sibhedlela.

Ikhale ngokuthi kuphoqwa izisebenzi zesibhedlela ukuba zikhe amanzi ziwahambise emawadini.

UKhawula uthe konke lokho kungamapunge.

Uthi lokho kungenxa yokuthi iPSA ayizange ilubhade emhlanganweni wezinyunyana nezibhedlela owawungoLwesine olwedlule.

“Ngiyakuqala lokho abebekusho, ngikholwa wukuthi bakusho ngoba bengayihambi imihlangano ebalulekile ephakathi kwethu nezinyunyana. Asikho isisebenzi esiphoqiwe ukuthi sikhe amanzi ngoba ikhona inkampani eqashelwe ukuthi ihambise amanzi emawadini. Le nkampani ile ebhekelele ukunakekelwa kwinkundla zalapha esibhedlela,” esho.

UNkk Simelane-Mngadi uthi banethemba lokuthi inkinga yamanzi kulesi sibhedlela uzoyixazulula maduze uMasipala weTheku.

Uthi okwamanje amanzi azoqhubeka nokulethwa ngamaloli kulesi sibhedlela, kanti nomasipala uzosihlinzeka ngamanye ayishumi phezu kwalawa akhona.

Ezisematheni

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...